EPHRELI 28, 2017
E-UNITED STATES
Bacela Emakhulwini Amane Abafikile Ukuzobona Indlunkulu Entsha Yomhlaba Wonke YoFakazi BakaJehova
ENEW YORK— Kuleli sonto eledlule oFakazi BakaJehova babe nosuku lokuqala kwezimbili ezikhethekile, lapho bemema khona umphakathi ukuba uzobona indlunkulu yabo esanda kwakhiwa yomhlaba wonke eWarwick, eNew York. UTroy Snyder, umqondisi wezakhiwo zendlunkulu uthi: “Ngokwesilinganiso siba nezivakashi ezingu-1150 ngosuku ezifikayo ukuzobuka indlunkulu yethu phakathi nesonto. Kodwa kulezi zimpelasonto ezimbili sithande ukumema omakhelwane bethu abangebona oFakazi nabanye, ukuze sibabonge ngokusisekela phakathi nesikhathi sokwakha.”
NgoMgqibelo kufike izivakashi ezingu-395 ezihlanganisa phakathi kwazo omakhelwane abangu-205 kanye nabangu-190 abanamabhizinisi okudayisa nawokwakha. Izivakashi bezilungiselelwe ukudla okulula, zabe sezithatha uhambo lwemizuzu engu-40 lokubuka izakhiwo, oluhlanganisa nokubuka ividiyo nokubuza imibuzo.
UChristopher Gow, oyisakhamuzi saseTuxedo Park eseduze nalapho, wathi: “Benginelukuluku lokwazi futhi ngikujabulele kakhulu ukuthola lesi simemo sokuzobona lesi sakhiwo. Bengazi ukuthi kuyakhiwa, kodwa lo msebenzi bewenziwa ngendlela enenhlonipho futhi kungekho msindo kangangokuthi ubungafunga ukuthi akukho lutho olwenziwayo.”
Njengoba oFakazi bakhe indlunkulu yabo ngasogwini lwedamu iBlue Lake eliseSterling Forest State Park, izakhamuzi eziningi zasho ukuthi bezizele nje ukuzobona ukuthi imuphi umzamo owenziwe ukuze kuvikelwe imvelo phakathi nesikhathi sokwakha.
UDkt. uRichard Hull, onguprofesa womlando waseNew York University osethathe umhlalaphansi, ohlala eWarwick futhi oyisazimlando esingokomthetho sedolobha, uthi: “Sengineminyaka engaphezu kwengu-50 ngicwaninga le ndawo. OFakazi benze umsebenzi omuhle kakhulu wokungayiphazamisi imvelo njengoba bakha isakhiwo sabo, becabangela ngisho nezilwane ezihlala kule ndawo.
Ngemva kokuba uMnu. uGow oyilungu le-Tuxedo Park Tree Advisory Board ebuke lesi sakhiwo, wathi: “Konke kusezingeni eliphezulu—oFakazi benze umsebenzi omuhle kakhulu. Lesi sakhiwo senu esakhiwe ngendlela ebonisa ukuyikhathalela imvelo siyisikhuthazo esikhulu nesibonelo sonke esingasilingisa.”
Ngemva kokuba izivakashi ziboniswe indawo, zazikhululekile ukuba zihambe zizibukela imiboniso emithathu eyayibekwe esitezi esingenhla nesingezansi kwendawo yokwamukela izivakashi. Emibili yale miboniso yayilandisa ngomsebenzi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke wangesikhathi esidlule nowanamuhla, owesithathu wawubonisa amaBhayibheli ayivelakancane nezinye izinto eziphathelene neBhayibheli.
UDkt. uHull waphetha: “Isakhiwo senu sisezingeni eliphezulu. Ngiyabona ukuthi sicatshangelwe ngokucophelela futhi sahlelwa kahle. Ngisazoyobona imibukiso eniyenzile, kodwa ngizothanda ukuphinde ngibuye.”
UMnu. uSnyder uthi: “Sinomuzwa wokuthi kumelwe siwubonge ngokukhethekile umphakathi ngokusisekela nokusamukela ngezandla ezimhlophe njengoba sithuthele kule ndawo. Yingakho simeme omakhelwane bethu abangebona oFakazi ukuba bazobuka izakhiwo zethu kulezi zinsuku ezimbili.” Labo abathole isimemo noma abangomakhelwane bethu abangakwazanga ukuba khona ngoMgqibelo odlule, bangafika embukisweni olandelayo ozoba ngoMgqibelo ozayo ngomhlaka Ephreli 29, kusukela ngo-10:00 ekuseni kuze kube ngu-4:00 ntambama.
Abezindaba:
UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000