SEPTEMBER 8, 2014
E-UNITED STATES
ULillian Gobitas Klose, Intombazanyana Yesikole Eyaba Undabuzekwayo Ecaleni Elaqulwa ENkantolo Ephakame Ngo-1940, Uyashona Eneminyaka Engu-90
ENEW YORK—ULillian Gobitas Klose, owenza isinqumo sokungalishayeli ifulege indesheni futhi waba undabuzekwayo ecaleni elaba yingqopha-mlando eNkantolo Ephakeme yase-United States, ushonele emzini wakhe eFayetteville, eGeorgia ngo-August 22, 2014. Ubeneminyaka engu-90.
ULillian Gobitas nomfowabo omncane uWilliam, bobabili ababengoFakazi BakaJehova, bazinqumela ngokwabo ukuyeka ukushayela ifulege indesheni ngemva kokuzwa inkulumo eyasakazwa emsakazweni ngo-October 6, 1935, eyayigxile emyalweni weBhayibheli olahla ukukhulekela izithombe. Emasontweni ambalwa kamuva baxoshwa esikoleni ngenxa yesinqumo sabo. Uyise, uWalter, wamangala enkantolo ukuze avikele amalungelo ezingane zakhe futhi icala lamvuna ezinkantolo ezincane. Abaphathi besikole badlulisela icala eNkantolo Ephakeme ngo-June 3, 1940, futhi lelo cala lenkantolo, iMinersville School District imangalela abakwaGobitis (isibongo sabo asibhalekanga kahle emafayelini asenkantolo), labalahla abakwaGobitas. Eminyakeni emithathu kamuva, ngoSuku Lwefulege, ngo-June 14, 1943, iNkantolo Ephakeme yasiguqula isinqumo sayo eyasenza ngo-1940 ecaleni labakwa-Gobitis, lapho ikhipha isinqumo ecaleni elaliphakathi kwe-West Virginia State Board of Education noBarnette, yavumela izingane zoFakazi ukuba zibuyele esikoleni. Lokhu kwakungokokuqala emlandweni wase-U.S. ukuba iNkantolo Ephakeme ishintshe isinqumo sayo emva kwesikhathi esifushane kangako.
ULillian Gobitas wazalelwa eMinersville, ePennsylvania, ngo-November 2, 1923, abazali bakhe kunguWalter noRuth Gobitas. Wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngo-March 14, 1935. Lapho eneminyaka engu-20, uLillian wangenela umsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli isikhathi esigcwele (oFakazi babiza umuntu owenza lo msebenzi ngokuthi iphayona elivamile) futhi kamuva wasebenza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, kusukela ngo-February 1946 kuya ku-April 1953.
Ngesikhathi eye emihlanganweni emikhulu yoFakazi BakaJehova eyayiseYurophu ngo-1951, uLillian wahlangana no-Erwin Klose ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eGermany. Baqhubeka bejwayelana ngesikhathi u-Erwin esesikoleni i-Watchtower Bible School of Gilead, isikole sezithunywa zevangeli ezingoFakazi, esasiqhutshelwa eNingizimu Lansing, eNew York. U-Erwin Klose waphothula ngo-1952 futhi wamukela isabelo sokuyokhonza eVienna, e-Austria. ULillian naye waphothula esikoleni sezithunywa zevangeli ezingoFakazi ngo-February 1954.
Ngo-March 24, 1954, yena no-Erwin Klose bashadela eVienna futhi baqhubeka nomsebenzi wezithunywa zevangeli ndawonye e-Austria. Babuyela e-United States ekupheleni kwalowo nyaka ngenxa yempilo ebuthaka kamnumzane uKlose, owayeguliswa imiphumela yempatho enonya ayeyithole ekamu lamaNazi lokuhlushwa ngenxa yokuba uFakazi kaJehova. Kamuva bathola izingane ezimbili, uStephen Paul noJudith Deborah. Ngo-1967, abakwaKlose bathuthela eRiverdale, eGeorgia lapho bafika khona bandisa inkonzo yabo yokufundisa ngeBhayibheli njengomndeni.
Njengoba eseshonile, uLillian Gobitas Klose ushiye indodakazi yakhe, uJudith Klose; odadewabo ababili, uJeanne Fry noGrace Reinisch; nomfowabo uPaul Gobitas. Abashona ngaphambi kwakhe, umyeni wakhe, abazali bakhe, umfowabo uWilliam Gobitas, udadewabo uJoy Yubeta nendodana yakhe uStephen Paul Klose.
Media Contact(s):
International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000