Dlulela kokuphakathi

AGASTI 7, 2018
E-UNITED STATES

Umlilo WaseCarr Ucekela Phansi Izindawo Eziseduze KwaseRedding, ECalifornia

Umlilo WaseCarr Ucekela Phansi Izindawo Eziseduze KwaseRedding, ECalifornia

Uyaqhubeka umlilo owaqala ngoJulayi 23, 2018, endaweni eseduze nedolobha laseRedding, eCalifornia. Lo mlilo obizwa ngegama lendawo owaqala kuyo usubulale abantu abangu-8, washisa indawo engaphezu kwamahektha angu-44 515, wacekela phansi nezakhiwo ezingaphezu kuka-1 300.

Ngokwemibiko, abekho abamemezeli abahlala kule ndawo abalimale kakhulu. Nokho, kunomfowethu oshile lapho ezama ukusiza izicishamlilo, kodwa akalimalanga kakhulu. Kunabafowethu nodadewethu abangu-454 okudingeke ukuba basuke ezindaweni zabo. Okwamanje bahleli nezihlobo abanye bahleli ezindlini zabanye abashumayeli bezindaba ezinhle. Imizi yoFakazi engu-12, ishe yaphela.

Bonke abamemezeli baphephile, kanti umbonisi wesigodi kanye nabadala basemabandleni asendaweni basebenza ngokubambisana ukuze banikeze usizo oludingekayo nenduduzo kubafowethu ababhekene nalesi simo esingelula.—IzAga 17:17.