Dlulela kokuphakathi

MEYI 22, 2017
E-UNITED STATES

Umphakathi Ukujabulele Ukubuka INdlunkulu Entsha Yomhlaba Wonke YoFakazi

Umphakathi Ukujabulele Ukubuka INdlunkulu Entsha Yomhlaba Wonke YoFakazi

ENEW YORK—OFakazi BakaJehova babe nosuku lwesibili lwezinsuku ezimbili ezibalulekile zokubukwa kwendlunkulu yabo yomhlaba wonke eWarwick, eNew York, ngo-Ephreli 29, 2017. Kube nezivashi eziningi nakakhulu kulesi senzakalo ukwedlula usuku lokuqala.

Kube nezivakashi ezingu-468 ngoMgqibelo odlule. Lokhu kusho ukwanda ngamaphesenti angu-18 uma kuqhathaniswa nosuku lokuqala. UTroy Snyder, umqondisi wezakhiwo zendlunkulu uthi: “Sijabula kakhulu ngokuthi omakhelwane bethu abaningi, ikakhulukazi izikhulu zedolobha, babe khona ukuzobona isakhiwo sethu esesiphelile. Kube nezakhamuzi ezibuye okwesibili zizovakasha ngenxa yalokho ezikubonile nezikujabulele ngesikhathi zifike okokuqala ngesonto elidlule.”

Kulezi zenzakalo ezimbili zokubukwa kwesakhiwo kusukela ngo-10:00 ekuseni kuze kube ngo-4:00 ntambama iMigqibelo emibili ilandelana, kube nabantu abangu-863 sebebonke. UMnu. uSnyder uyanezela: “Ukubukwa kwalesi sakhiwo kube impumelelo enkulu. Labo ababekhona abawuvali umlomo. Simagange ngokuphinde samukele omakhelwane bethu ngesikhathi esizayo lapho befika bezovakasha, babuke isakhiwo sethu kanye nemibukiso.”

U-Ingrid Magar

U-Ingrid Magar, isakhamuzi saseTuxedo Park, eNew York eseduze nalapho, wayephakathi komakhelwane abaningi abafika bezobuka isakhiwo. Wayesebenze egunjini lokucwaninga okusansimbi iminyaka engu-18, esebenzela i-International Nickel Company eyayisebenzela kule ndawo. Ekhumbula indlela le ndawo eyayisetshenziswa ngayo, uyaphawula: “Kuyangijabulisa ukubona lokhu osekwenziwe kule ndawo. Yahlala ingenalutho isikhathi eside, umbuzo wawuwukuthi kwakuzokwenzekani ngayo. Indawo enhle le, futhi niyithuthukisile.” UNks. uMagar uphinde waphawula ngabahlala kule ndawo manje: “Ngicabanga ukuthi nina [boFakazi BakaJehova] ningomakhelwane abakahle. Ninozwela, niyakhathalela, niyayikhathalela imvelo, nikhathalela nomphakathi, ngicabanga ukuthi sinenhlanhla ngokuba nomakhelwane abanjengani.”

UWilliam Hoppe

UWilliam Hoppe, unjiniyela osebenzela iDolobha laseWarwick owayehlola isakhiwo phakathi neminyaka emibili yokugcina, uthi: “Kuyacaca ukuthi bebefuna umsebenzi osezingeni eliphezulu.  . . . Lokhu kubonakala endleleni umsebenzi omuhle ngayo.” Ingihlabe umxhwele indlela enakekelwe ngayo imvelo nendawo ezungezile ngesikhathi kwakhiwa lesi sakhiwo nendlela esizonakekelwa ngayo, indlela nje ekhathalelwe ngayo imvelo phakathi naso sonke isikhathi sokwakha. Ngicabanga ukuthi lesi isibonelo esihle kakhulu okufanele silandelwe nakwezinye izakhiwo.”

Abezindaba:

UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000