MEYI 15, 2018
E-UNITED STATES
Intabamlilo Iyaqhubeka Ibangela Umonakalo EHawaii Osekubangele Ukuba Abantu Baphume Ezindaweni Zabo
Kusukela ngoMeyi 3, 2018, intabamlilo iKilauea esesiqhingini saseHawaii iBig Island e-U.S.A., isibangele ukuba izakhamuzi ezingaba ngu-2 000 zakule ndawo zithuthe ngokushesha, futhi isicekele phansi izakhiwo ezingaphezu kwezingu-35.
Phakathi kwalabo okwadingeka baphume ngokushesha ezindlini zabo, kunemindeni emine yoFakazi nodade oyedwa osekhulile. Nakuba engekho amaHholo OMbuso alimala ngenxa yodaka olushisayo olwaphuma kule ntabamlilo, ukuzamazama komhlaba okwalandela ngoMeyi 4, okwakunamandla angu-6.9 ngokwesikali sikaRichter, kwabangela umonakalo omncane kwelinye iHholo LoMbuso.
IKomiti Yokunikeza Usizo, ibambisene nodadewethu nabafowethu abakule ndawo, inakekela izidingo zabafowethu abathintekile. Lapho izimo sezidambile, iKomiti Yokunikeza Usizo iyobe isikwazi ukubona lapho okusadingeka khona usizo.
Siyaqhubeka sithandazela abafowethu nodadewethu abathintekile kule nhlekelele, futhi siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoba isiphephelo sabo kulezi zikhathi ezicindezelayo.—Nahume 1:7.