Dlulela kokuphakathi

E-UZBEKISTAN

Amanqampunqampu Nge-Uzbekistan

Amanqampunqampu Nge-Uzbekistan

Ngaphambi kokuba i-Uzbekistan ibe izwe elizimele ngo-1991, oFakazi BakaJehova base benamashumi eminyaka bekhona kuleli zwe. Ngo-1992, i-Uzbekistan yaba nomthetho-sisekelo oqinisekisa amalungelo ezakhamuzi. Kodwa uma kuziwa emalungelweni angokwenkolo, uhulumeni uvamise ukungawunaki umthetho-sisekelo.

Iziphathimandla zase-Uzbekistan ziyenqaba ukubhalisa amabandla oFakazi BakaJehova, ngaphandle kwelaseChirchik. * Ngenxa yalokho noma yimuphi umhlangano woFakazi BakaJehova ongekho eHholo laseChirchik, ubhekwa njengongekho emthethweni. Amaphoyisa avame ukuphazamisa imihlangano yoFakazi BakaJehova eyenziwa kwezinye izindawo, ngisho naleyo eyenzelwa emakhaya abantu. Aye abopha abantu abeze kuleyo mihlangano, athatha izinto zabo nezincwadi zabo ezingokwenkolo. Iziphathimandla ziye zagcina oFakazi bevalelwe emajele izinsuku ezithile abanye bashaywa futhi bahlukunyezwa ngamazwi. Abanye oFakazi baye bahlawuliswa imali enkulu balahlwa ngamacala futhi bagwetshwa iminyaka eminingi ejele ngenxa nje yokwenza imisebenzi yabo engokwenkolo. Ukwenqaba kukahulumeni ukubhalisa amabandla ngokusemthethweni, kwenza imisebenzi yenkolo enokuthula ingabi semthethweni.

OFakazi BakaJehova bayaqhubeka besebenzelana nezikhulu zikahulumeni ukuze bazame ukuthola imvume yokubhaliswa ngokusemthethweni kwamabandla kulo lonke leli zwe ikakhulu eTashkent. Uma lokhu kuphumelela kuzokwenza oFakazi bavikeleke ngokwezinga elithile futhi lihlonishwe ilungelo labo lenkululeko engokwenkolo.

^ isig. 3 Labhaliswa okukuqala ngo-1994 laphinde labhaliswa ngo-1999.