Dlulela kokuphakathi

APRIL 7, 2014
E-UZBEKISTAN

Ingabe Ikhona Intuthuko Eyenzelwa OFakazi BakaJehova E-Uzbekistan?

Ingabe Ikhona Intuthuko Eyenzelwa OFakazi BakaJehova E-Uzbekistan?

OFakazi BakaJehova e-Uzbekistan banethemba kodwa abaqiniseki ngokuthi iziphathimandla zase-Uzbekistan zizobavumela yini ukuba baqhube imihlangano yabo ngaphandle kokuphazanyiswa. U-Igor Yurchenko, ongummeleli woFakazi BakaJehova kuleyo ndawo owayexoxa neziphathimandla zase-Uzbekistan ngo-2013, wathi: “Sibone intuthuko ephawulekayo ezingxoxweni esibe nazo neziphathimandla zase-Uzbekistan, futhi zibonakala zizimisele ukwenza ushintsho oluhle. Sithemba ukuthi maduzane le mihlangano izoba nemiphumela emihle.”

U-Abdubannob Akhmedov

Okunye okwabanikeza ithemba ukuthi iziphathimandla zase-Uzbekistan zadedela u-Abdubannob Akhmedov ejele ngo-March 2, 2013, ngemva kokuba esedonse iminyaka emine nesigamu esigwebweni sakhe seminyaka eyisithupha nesigamu. Wayengomunye woFakazi abathathu ababeboshwe ngenxa yokukhulekela kwabo ngokuthula. Laba abanye oFakazi ababili bakhululwa ekuqaleni kuka-2012. Njengamanje abekho oFakazi ababoshiwe e-Uzbekistan.

Ezinyangeni ezalandela ukukhululwa kukaMnumzane Akhmedov, iziphathimandla zase-Uzbekistan zazimisela ukwenza ushintsho oluhle endabeni yokuhlonipha amalungelo abantu. Ngo-July 5, 2013, uhulumeni wase-Uzbekistan watshela i-UN Human Rights Council Working Group kuyi-Universal Periodic Review ukuthi uzimisele ukuhlonipha ilungelo labo bonke abantu lokuzikhethela inkolo nalokho abakukholelwayo ngaphandle kokubandlulula.

Imizamo Yokubhalisa Amabandla Amasha

Njengamanje kunebandla loFakazi BakaJehova elilodwa elibhaliswe ngokusemthethweni e-Uzbekistan elisedolobheni laseChirchik, eTashkent. Nokho, iningi loFakazi BakaJehova lihlala kwezinye izingxenye zezwe. Ngenxa yokuthi abakwazanga ukubhalisa ngokusemthethweni amabandla amasha kusukela ngo-1996, oFakazi bayahlangana ukuze bakhulekele ngokuthula nakuba lokho kusho ukuthi umthetho ngeke ubavikele futhi bazifaka engozini yokujeziswa. UMnumzane Yurchenko waqhubeka wathi: “Sinethemba lokuthi le ngxoxo enhle esiba nayo neziphathimandla izovula amathuba ezinye izinguquko ezingaholela ekubhalisweni ngokusemthethweni kwamabandla oFakazi BakaJehova kulo lonke elase-Uzbekistan.”

OFakazi BakaJehova banethemba lokuthi bazokhulekela ngokuthula e-Uzbekistan nokuthi maduzane iziphathimandla zakhona zizobhalisa amabandla amasha.