Dlulela kokuphakathi

IHholo LoMhlangano EliseDolobheni LaseRecife, eSifundeni sasePernambuco, eBrazil, licekeleke phansi

JUNI 10, 2022
EBRAZIL

Izikhukhula Nokudilika Kwenhlabathi Kudale Umonakalo Omkhulu EBrazil

Izikhukhula Nokudilika Kwenhlabathi Kudale Umonakalo Omkhulu EBrazil

Kusukela ngoMeyi 25, 2022, imvula enamandla ehambisana nesiphepho yenze kwaba nezikhukhula nokudilika kwenhlabathi enyakatho-mpumalanga yeBrazil. Izindawo ezibe nomonakalo omkhulu i-Alagoas nePernambuco, lapho amadolobha angu-42 ememezele khona ukuthi asesimweni esibucayi. Abantu abangu-145 000 kudingeke bahambe emizini yabo, kanti abangu-129 bashonile.

Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo

  • Akekho kubafowethu nodadewethu oshonile

  • Abamemezeli abathathu bathole imihuzukwana

  • Imizi engu-280 ithinteke kancane

  • Imizi engu-22 icekeleke phansi

  • AmaHholo OMbuso angu-23 athinteke kancane

  • IHholo LoMhlangano elilodwa licekeleke phansi

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • IKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni inikeza usizo lwezinto ezidingekayo nosizo olungokomoya kubamemezeli abangaphezu kuka-600

  • Bonke abenza umsebenzi wokunikeza usizo bawenza beqaphela imingcele ye-COVID-19

Sithandazela ukuba abafowethu ‘baqhubeke bethola amandla eNkosini’ njengoba bebhekene nale nhlekelele.—Efesu 6:10.