Dlulela kokuphakathi

JANUARY 18, 2013
EBRAZIL

Ukukhukhuleka Kodaka EBrazil

Ukukhukhuleka Kodaka EBrazil

Phakathi nesonto lokuqala ku-January, imvula enamandla yabangela isikhukhula nokukhukhuleka kodaka eRio de Janeiro, eBrazil, okwashiya abantu abangaphezu kuka-3 000 bengenazindawo zokuhlala. OFakazi BakaJehova babika ukuthi akekho owalimala koFakazi abacishe babe ngu-8 000 abahlala kuleyo ndawo. Nokho, imindeni engu-8 yoFakazi yalahlekelwa impahla eningi lapho amanzi engena emizini yawo. Abathintekile bahlaliswa okwesikhashana emizini yabakholwa nabo nasezihlotsheni. Ikomiti yokusiza ezinhlekeleleni yoFakazi iye yathumela amathani amane okudla, amanzi nezinye izinto eziyisidingo ezindaweni ezithinteke kakhulu.

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Brazil: Pedro Catardo, tel. +55 15 3322 9000