Dlulela kokuphakathi

JUNI 25, 2020
EBRAZIL

Ukunikeza Abafowethu Abahlala E-Amazon Usizo

Ukunikeza Abafowethu Abahlala E-Amazon Usizo

IKomiti Yegatsha YaseBrazil imise amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (amaDRC) angu-18 ukuze kusizwe abamemezeli ababhekene nezinselele zezomnotho ngenxa yobhubhane lwe-coronavirus. La makomiti eDRC asiza amabandla angaba ngu-12 000 kulo lonke elaseBrazil, kuhlanganise nabafowethu abahlala ezindaweni ezikude ngaseMfuleni i-Amazon. Ngesikhathi sokubhalwa kwalo mbiko, yase ingu-131 imindeni ehlala e-Amazon ayase ilutholile usizo.

I-DRC yaseManaus, inhlokodolobha yesifundazwe sase-Amazonas, yalungiselela amaphasela anezinto eziyisidingo zenyanga eyodwa. La maphasela ayenokudla, okuhlanganisa ubhontshisi, uflawa we-cassava, ilayisi nobisi oluyimpuphu; kanye nezinto zokuhlanza, njengensipho, yi-toilet paper, izixubho nokokuputshuzela esixubheni. Abafowethu bathumela la maphasela esikhumulweni esiseduzane saseManacapuru, ngemva kwalokho base bewathatha ngesikebhe bewayisa kulezi zindawo ezisemajukujukwini, kuhlanganise nendawo yaseMembeca naseLago do Castanho.

UDadeweth’ uMarinelma, ohlala esifundeni saseLago do Castanho, washo lokhu ngemva kokuthola iphasela lakhe lokudla: “Okokuqala, ngibonga uJehova ngokusinakekela. Besiswele kakhulu kule ndawo, njengoba besingenayo indlela yokuthenga ukudla. Okwesibili, ngifisa ukubonga abafowethu ngokupha kwabo ngesandla esivulekile nangothando lwabo. Indodana yami eneminyaka eyisithupha ingibone ngikhipha izinto esizitholile ngizibeka ezindaweni zazo, ngase ngisebenzisa lelo thuba ukuyichazela ukuthi uJehova usebenzise abafowethu ukuze asisize. Umfanyana wami ube esethi, ‘Mama, singathandaza simbonge uJehova?’”

UMfoweth’ uJonas Monteiro, ohlala nomndeni wakhe edolobheni laseCaapiranga, wathumela incwadi kuDRC enamazwi athi: “Sibonga kakhulu ngosizo enisinike lona. Siyalubona uthando lukaJehova esebenzisa nina. Kuyilungelo elikhulu ukuba yingxenye yalo mndeni womhlaba wonke.”

Abafowethu abakhonza kuDRC nabo bazuzile ngalokhu. U-Isaac Emannuel Ramalho de Oliveira, ongumdala okhonza kuDRC, waphawula wathi: “Usuku nosuku lapho ngisebenza neKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni, ngiluzwa luqina ukholo lwami. Ngiyaqiniseka ukuthi lo msebenzi uzongizuzisa kakhulu mina kunalokho okwenzela abafowethu.”

Kuqinisa ukholo lwethu ukubona uJehova enakekela izinceku zakhe phakathi nalolu bhubhane, noma ngabe zihlala kuphi.—IHubo 94:14.