Dlulela kokuphakathi

DISEMBA 31, 2018
EBRAZIL

Umlilo Ucekela Phansi Indawo YaseManaus EBrazil

Umlilo Ucekela Phansi Indawo YaseManaus EBrazil

Ekuseni ngoDisemba 18, kuqubuke umlilo edolobheni laseManaus, eBrazil, ocekele phansi imizi engaphezu kwengu-600. Nakuba ingekho imibiko yabantu abashonile, kulimale abane kwathi abangaphezu kuka-2 000 basala bengenayo indawo yokuhlala.

Igatsha laseBrazil libika ukuthi abekho abafowethu nodadewethu abashonile noma abalimalile kulo mlilo. Nokho, kucekeleke phansi imizi yabafowethu eyishumi okushiye oFakazi abangu-18 nezihlobo zabo bengenayo indawo yokuhlala. Igatsha lihlele ukuba iKomiti Yokunikeza Usizo inakekele izidingo zabafowethu abathintekile.

Siyaqiniseka ukuthi abafowethu baseBrazil abathintekile bazoqhubeka bethembele kuJehova, ‘oyindawo ephakeme nelondekile ngezikhathi zokucindezeleka.’—IHubo 9:9, 10.