Dlulela kokuphakathi

AGASTI 15, 2022
ECAMEROON

Kukhululwe ImiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiBoulou

Kukhululwe ImiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiBoulou

Ngo-Agasti 6, 2022, uMfoweth’ uGilles Mba, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseCameroon, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiBoulou ohlelweni obeluqoshiwe. Abamemezeli bakwazile ukulubuka lolu hlelo kuyi-inthanethi, leli Bhayibheli likhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe. Kuhlelwe ukuba amakhophi anyathelisiwe atholakale ngo-2023.

Ihhovisi labahumushi lesiBoulou elise-Ebolowa, eCameroon

Akhona amanye amaBhayibheli ngalolu limi kodwa ayabiza. Kwamanye kusetshenziswe ulimi lwakudala, kwamanye igama likaNkulunkulu likhishiwe. Ngaphezu kwalokho, izingxenye eziningi azikusho ngokunembile lokho okwakushiwo emibhalweni yokuqala. Ngokwesibonelo, amanye amaBhayibheli esiBoulou athi “UMbuso KaNkulunkulu” ‘Uyisizwe SikaNkulunkulu,’ “Umndeni KaNkulunkulu,” noma “Izwe LikaNkulunkulu.” Njengoba le nguqulo entsha YamaKristu YesiGreki isebenzise igama elithi “uMbuso,” kuzoba lula ukuchaza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni omiswe uJehova.

Omunye umhumushi wathi: “Ngaleli Bhayibheli, sizokwazi ukudlulisela kwabanye izimfundiso eziyiqiniso nesingazethemba.”

Siyaqiniseka ngokuthi INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yesiBoulou izosiza abafowethu nodadewethu baqhubeke besiza labo “abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—Mathewu 5:3.