Dlulela kokuphakathi

JUNI 26, 2018
ECAMEROON

Kwakhiwa IHhovisi Legatsha ECameroon

Kwakhiwa IHhovisi Legatsha ECameroon

Kunezikhonzi ezingaba ngu-50 ezisebenza isikhathi esigcwele eBethel esedolobheni laseDouala, eCameroon. Maduze zizobe sezijabulela ukuba semahhovisi egatsha amasha njengoba amahhovisi amadala aseBonabéri ezovalwa, bese kuthuthelwa esakhiweni esisha esiseLogbessou. Ukwakhiwa kwamahhovisi egatsha amasha kubonisa ukuthi ziyanda izikhonzi zikaNkulunkulu eCameroon. Ngo-2017, baba ngaphezu kuka-100 000 abantu ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, okuyinani eliphindwe kabili kwelabamemezeli abakhona kuleli zwe.

Abafowethu bafaka izintambo ezivimbela umbani.

Lesi sakhiwo siseceleni kweHholo LoMhlangano. Izisebenzi seziqalile ukumba ukuze kubekwe izisekelo. Lapho usuphelile umsebenzi wokwakha, kuzoba nezakhiwo zezindawo zokuhlala ezifana nalezo ezikhona endaweni, bese kuba nesakhiwo esizimele sodwa esinamahhovisi, njengoba kubonisiwe esithombeni esingenhla. Kucatshangelwa ukuthi izikhonzi zaseBethel zizothuthela kulezi zakhiwo ekupheleni kuka-2019.

UGilles Mba oyisikhonzi saseBethel yaseCameroon osebenza eHhovisi Lokwaziswa uthi, “Kuyajabulisa ukubona izinkulungwane zabafowethu nodadewethu zizinikela kulo msebenzi wokwakha, zibonisa umoya ofana nowomprofethi u-Isaya.” (Isaya 6:8) Uyanezela, “Lo msebenzi usinikeze ugqozi kakhulu sonke lapha egatsheni. Sesijahe kabi ukuthuthela emahhovisi amasha, ukuze siqale ukuwasebenzisela ukudumisa igama likaJehova.”

Abanye babafowethu abangu-2 800 ababesemhlanganweni okhethekile wabafisa ukwazi ngezindlela abangasiza ngazo ekwakhiweni kwamahhovisi egatsha amasha.