Dlulela kokuphakathi

JULY 17, 2013
ECANADA

Izimvula Ezinamandla Zidala Izikhukhula E-Alberta

Izimvula Ezinamandla Zidala Izikhukhula E-Alberta

Izimvula ezinamandla eziqale ngo-June 19, 2013 zidale izikhukhula esifundazweni saseCanada, i-Alberta. Okungenani kufe abantu abane, izakhamuzi ezingaphezu kuka-100 000 zakhishwa ezindlini. OFakazi BakaJehova abangu-298 basusiwe kule ndawo, futhi umhlangano wabo okwakufanele uqhutshelwe eSaddledome, inkundla enkulu yaseCalgary, e-Alberta, kwadingeka ukuba ushintshelwe kolunye usuku. Edolobheni laseHigh River, isikhukhula salimaza imizi engu-58 yoFakazi BakaJehova futhi iHholo LoMbuso lonakala kakhulu. Ikomiti esiza lapho kunezinhlekelele, eyakhiwa abadala abangoFakazi bakule ndawo, yanikeza usizo futhi ummeleli wasehhovisi legatsha laseCanada waya endaweni eyayihlaselwe isikhukhula ukuze aduduze labo ababethintekile.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Canada: Mark Ruge, tel. +1 905 873 4100