Dlulela kokuphakathi

UMfowethu noDadeweth’ uMudaheranwa abangamaphayona, basendleni eya emsebenzini

EPHRELI 6, 2020
ECANADA

Ukuba Nokuthula Ngesikhathi Senhlekelele

Ukuba Nokuthula Ngesikhathi Senhlekelele

UMfoweth’ uJean-Yves nomkakhe uVasthie Mudaheranwa, baphambili empini yokulwa nobhubhane lwe-coronavirus eMontreal, eCanada. UMfoweth’ uMudaheranwa umsebenzi wakhe ukusiza abantu abanezinkinga zokuphefumula esibhedlela somphakathi, kanti uDadeweth’ uMudaheranwa uyinesi esikhungweni eselapha i-COVID-19. Phakathi nalesi sikhathi esicindezelayo ngokomzwelo, bathola amandla kuJehova futhi bayazuza ‘esimweni esihle senhliziyo’ leso uJehova asithembisa.—Isaya 65:14.

UMfoweth’ uMudaheranwa uthi “Abantu abaningi engisebenza nabo bathuke ngendlela engingakaze ngiyibone.” UDadeweth’ uMudaheranwa uthi “Isifundo somuntu siqu asive siwusizo. Sibuka izimpawu zezinsuku zokugcina bese sizikhumbuza ukuthi uJehova unathi nokuthi akasoze asishiya. Umthandazo nawo udlala indima ebalulekile. Ngaphambi kokuya emsebenzini, ngiyathandaza futhi ngithola ukuthula.”

AbakwaMudaheranwa bahlanganyela emihlanganweni yebandla

UMfoweth’ uMudaheranwa uyachaza “NgingowaseRwanda, ngangihlala khona phakathi nesikhathi sokuqothulwa kohlanga. Asikaze siyizwe into enjalo lapha eCanada, ngakho ngezinye izikhathi singase sikhohlwe ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Mangivume, usuku lukaJehova ngangingalucabangi njengoseluseduze. Lolu bhubhane luye lwangenza ngabona ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina futhi luye lwaqinisa nokholo lwami eBhayibhelini kanye naseziprofethweni zalo.”

Ukuzimisela koMfowethu noDadeweth’ uMudaheranwa kuzwakala emhlabeni wonke njengoba oFakazi BakaJehova beqhubeka beba nokuthula phakathi nalesi sikhathi senhlekelele.—Isaya 48:18.