AGASTI 30, 2018
ECANADA
INkantolo Ephakeme YaseCanada Iyenqaba Ukungenela Endabeni Yokuxoshwa Komuntu Ongaphenduki Ebandleni
NgoMeyi 31, 2018, ecaleni elaliphakathi kwebandla laseHighwood loFakazi BakaJehova noWall, iNkantolo Ephakeme YaseCanada yakhipha isinqumo sokuthi ‘amaqembu enkolo anelungelo lokubeka imithetho elawula inkolo yawo, kanye nokukhipha izinqumo ngokuphathelene namalungu awo.’ Ngaleyo ndlela, yaphetha ngokuthi inkantolo ngeke ingenele lapho ibandla linquma ukuxosha ilungu lalo.
INkantolo yaphetha ngokuthi izinyathelo ezithathwa oFakazi lapho umuntu enze isono esikhulu “zisuke zingahloselwe ukulwisa lowo owonile, kodwa ukumsiza akwazi ukubuyela ebandleni.” Yaveza nokuthi iNkantolo ayinakungenela ezindabeni zangaphakathi enkonzweni.
IJaji leNkantolo Ephakeme uMalcolm Rowe, lasichaza kabanzi isizathu esenze yena namajaji ayenawo angu-9 ukuba bakhiphe lesi sinqumo, lathi: “Inqubo nemithetho ebekwa yisonto ngalinye ingase ithathelwe ezimfundisweni ezithile ezingokwenkolo, njengakuleli cala. Inkantolo ayinalo igunya, ulwazi olwanele namandla okukhipha izinqumo ezindabeni zenkolo.”
UPhilip Brumley, ongummeli woFakazi BakaJehova uthi: “INkantolo Ephakeme YaseCanada ingene ohlwini lwezinkantolo eziphakeme zasemazweni anjenge-Argentina, iBrazil, iHungary, i-Ireland, i-Italy, iPeru, iPoland, ne-United States ezihlonipha ilungelo lethu elingokomthetho lokulandela lokho okushiwo iBhayibheli lapho sinquma ukuthi ubani okufanelekelayo ukuba ilungu loFakazi BakaJehova.”—1 Korinte 5:11; 2 Johane 9-11.