Dlulela kokuphakathi

MAY 2, 2014
ECHILE

Umlilo Oqothulayo EValparaíso, EChile

Umlilo Oqothulayo EValparaíso, EChile

EPUENTE ALTO, eChile—Ngo-April 13, 2014, umlilo wequbula owabangelwa imimoya enamandla yasePacific waqothula idolobha elidala eliyitheku laseValparaíso, eChile. Okungenani lo mlilo wabulala abantu abangu-15, kwalimala abangu-500. Izindlu ezingaba ngu-2 900 zabhidlika, abangaphezu kuka-10 000 bazithola bengenandawo yokuhlala.

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eChile libika ukuthi owesilisa osekhulile onguFakazi wayephakathi kwalabo abafa kule nhlekelele. Ngaphezu kwalokho, oFakazi abangaba ngu-89 baye balahlekelwa amakhaya abo. Iningi lalabo abalahlekelwa amakhaya abo lahlala emakhaya abanye oFakazi. Ngokushesha ihhovisi legatsha lamisa ikomiti eyayizosiza abathintekile kule nhlekelele. Amaqembu ahleliwe ezisebenzi zokuzithandela aseqalile ukulungisa umonakalo. Uma izimo zivuma, azoqala ukwakha kabusha izindlu ezingaba ngu-28 zoFakazi eziqothulwe umlilo.

UJason D. Reed, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eChile, uthi: “Siyadabuka ukuzwa ngokuhlupheka komakhelwane bethu okubangelwe yilo mlilo. Sililela umfowethu esikhonza naye, futhi sizoqhubeka sibabeka emthandazweni yethu labo abalahlekelwe abangane nezihlobo. Sizoqhubeka sisekela labo abathintekile nganoma yini abayidingayo ukuze sibasize babhekane nemiphumela ebuhlungu yale nhlekelele.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Chile: Jason D. Reed, tel. +56 2 2428 2600