Dlulela kokuphakathi

JUNI 7, 2018
ECUBA

Umndeni OngoFakazi BakaJehova Ushone Engozini Yendiza ECuba

Umndeni OngoFakazi BakaJehova Ushone Engozini Yendiza ECuba

NgoLwesihlanu, ngoMeyi 18, 2018, indiza iBoeing 737 yaphahlazeka ngemva nje kokusuka eHavana, eCuba. Kubantu abangu-113 ababekule ndiza uyedwa kuphela owasinda, okwenza le ngozi ibe embi kunazo zonke izingozi zezindiza leli zwe elike laba nazo kule minyaka edlule.

Okudabukisa nakakhulu ukuthi kulabo abashona kwakunomndeni ongoFakazi BakaJehova (ubaba, umama, nendodana yabo eneminyaka engu-22) ababethandwa futhi beshiseka ebandleni labo eCuba. Bangcwatshwa ngoMgqibelo, ngoMeyi 26, 2018.

Ngaphandle kwenduduzo engokomBhalo abangane nezihlobo ayithola kubadala bebandla, iziphathimandla zendawo nazo zasiza ngezinye izindlela. Asingabazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ‘eduduza bonke abalilayo’ phakathi nalesi sikhathi esinzima.—Isaya 61:1, 2.