Dlulela kokuphakathi

JUNI 24, 2020
EDEMOCRATIC REPUBLIC OF THE CONGO

OFakazi Abasensimini Yegatsha LaseCongo (Kinshasa) Bakhuthazelela Ubhubhane, Izikhukhula Nezimpi

OFakazi Abasensimini Yegatsha LaseCongo (Kinshasa) Bakhuthazelela Ubhubhane, Izikhukhula Nezimpi

Phakathi nalolu bhubhane lwe-coronavirus, abafowethu nodadewethu kwezinye izingxenye zeDemocratic Republic of the Congo naseRepublic of the Congo bakhuthazelela izinkinga ezibangelwa yizikhukhula nezimpi eziqhubekayo kulezi zindawo. Ihhovisi legatsha laseCongo (Kinshasa), eliqondisa umsebenzi wokushumayela kula mazwe amabili, lihlele ukuhlinzeka ngosizo lwezinto eziyisidingo nezingokomoya. Njengamanje leli hhovisi legatsha selimise amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni angu-57 (DRC) kuyo yonke insimu yegatsha ukuze kunakekelwe izidingo zabafowethu. Ngesikhathi sokukhishwa kwalo mbiko, usizo lokudla lwase lunikezwe abafowethu nodadewethu abangaphezu kuka-90 000.

Ngemva kokuba izimvula ezinamandla zibangele izikhukhula ezifundazweni ezisempumalanga yeDemocratic Republic of the Congo ngo-Ephreli 16 no-17, 2020, abamemezeli abangu-139 basala dengwane. Batholelwa indawo yokuhlala emizini yabafowabo nodadewabo abakholwa nabo. Ama-DRC kule ndawo azama ukulungisela labo abalahlekelwe yizindawo zokuhlala izindlu eziphephile zesikhashana nezinye abangahlala kuzo unomphela.

Abafowethu nodadewethu banikele ngesandla esivulekile emsebenzini wokunikeza usizo wala maDRC. Kwenye indawo, abamemezeli baqoqa amakhilogremu angu-700 kabanana, amakhilogremu angu-400 ombila kanye namakhilogremu angu-220 esitshalo esibukeka njengobhatata okuthiwa yi-cassava namaqabunga ayo.

Ngaphezu kwalokho, abamemezeli abangu-60 basebandleni laseSome 26 Km bahlalisa abafowethu abangu-50 ababebaleke ezindaweni ezicekelwe phansi yimpi. Abamemezeli bapha abafowethu ababebalekile ezindaweni zabo ngenxa yalezi zinkinga ukudla abanakho kwaze kwaba yilapho iDRC inikeza usizo.

Enye inhloko yomndeni eBrazzaville, okuyinhlokodolobha yase-Republic of the Congo, yachaza indaba yayo ngemva kokwamukela usizo: “Ukuphila kungashintsha ngokuphazima kweso. Ngangisebenza ngihola nakuba kwakuyimali engatheni, kodwa uma sesiyihlanginise neyamatoho omkami, sasikwazi ukupatanisa izidingo zomndeni. Lapho kugadla i-COVID-19, salahlekelwa umsebenzi sobabili. Kodwa asiyekanga ukuthembela kuJehova. Lapho sisaxoxa ngokuthi sasizokwenzenjani lapho ukudla esasinakho kuphela, uJehova wangenela.”

UDadeweth’ uMbuyi Ester, umfelokazi ohlala edolobheni laseKinshasa, naye waphawula wathi: “Ngishonelwe umyeni ngenyanga edlule, futhi bese ngiswele kwasani. Angisebenzi kanti nginezingane ezintathu okufanele ngizondle. Umndeni wami ubungeke uze ukwazi ukuthola ukudla okuningi kangaka esizokudla izinsuku eziningi kangaka. Ngiyabonga, Jehova!”

Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke ebanakekela abafowethu nodadewethu futhi abusise nomsebenzi wokunikeza usizo ngezikhathi zezinhlekelele. Silangazelela nesikhathi lapho wonke umuntu eyokwazi khona ukujabulela insada yomkhiqizo womhlaba.—IHubo 72:16.