Dlulela kokuphakathi

JULAYI 18, 2018
EDEMOCRATIC REPUBLIC OF THE CONGO

Abafowethu BaseNyakatho-mpumalanga YeCongo Bayabaleka Ngenxa Yempi

Abafowethu BaseNyakatho-mpumalanga YeCongo Bayabaleka Ngenxa Yempi

Kusukela ngoDisemba 2017, izingxabano eziphakathi kwamaHema namaLendu esifundazweni sase-Ituri eDemocratic Republic of the Congo, zibangele ukufa kwabantu abaningi. Izinkulungwane eziningi zabantu kudingeke ukuba zibalekele kwezinye izindawo. Abafowethu nodadewethu abaningi bathintekile kulolu dlame oluqhubekayo.

Izinkulungwane zababaleki baseCongo zibalekele ezweni lase-Uganda, kanti kunabashumayeli bezindaba ezinhle abangu-192 abaqube ezindaweni zababaleki eziseduze komngcele waseCongo. Kusukela ngoJuni 2018, kunabanye oFakazi abangu-1 098 asebebalekile ezindaweni ezinodlame, babalekela endaweni yaseBunia, eyinhloko-dolobha yesifundazwe sase-Ituri. Ngokudabukisayo, kushone indoda nomkayo kanye nezingane ezincane ezintathu zoFakazi BakaJehova, ngenxa yezinkinga zempilo. Nokho, abekho oFakazi ababulawe yizimpi ngokuqondile.

Abafowethu nodadewethu abakhuluma isiLendu abavela ezindaweni ezihlukahlukene zasesifundazweni sase-Ituri, bami egcekeni leHholo Lomhlangano laseBunia.

Imizi yabafowethu ababalekile ezindaweni zabo iye yagqekezwa, kwantshontshwa kuyo, eminye yashiswa. Kanti amasimu abazalwane abakade beziphilisa ngawo aye acekelwa phansi.

Kusukela lwaqala lolu dlame, abashumayeli bezindaba ezinhle abahlala ezindaweni ezingathintekile, bebelokhu besiza labo abahlala ezindaweni ezinodlame. Abanye babolekise ngezimoto zabo ukuze kuthuthwe labo abathintekile, bayiswe ezindaweni eziphephile. Kanti imindeni yoFakazi engu-205 yaseBunia isize ngemali, ukudla nezindawo zokuhlala, nakuba nayo inokuncane kakhulu. Nakuba kunezindawo ezimbili ezinkulu ezenzelwe ababaleki eBunia, oFakazi abathintekile bathathwe abanye oFakazi basendaweni.—IzAga 17:17.

IKomiti Yegatsha LaseCongo yamisa iKomiti Yokunikeza Usizo, ukuze inakekele izidingo ezibalulekile zabazalwane ababethintekile. Ummeleli wegatsha wavakashela laba bazalwane ababethintekile ukuze abaqinise ukholo.

Naphezu kokulahlekelwa izindawo zabo, abafowethu nodadewethu ababalekela eBunia nakwezinye izindawo bayaqhubeka behlangana namabandla futhi beshumayela izindaba ezinhle kubantu. Kusukela ngoFebhuwari kuya ku-Ephreli 2018, abafowethu baqala ukufunda iBhayibheli nabantu abahlala ezindaweni zababaleki abangaphezu kuka-270.

Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke enikeza abafowethu nodadewethu baseCongo ukuthula kwengqondo, futhi abusise zonke izinhlelo ezenzelwe ukusiza abafowethu abathintekile. Sonke silangazelela isikhathi sokufika koMbuso kaNkulunkulu ozolethela bonke abantu bakaJehova ukulondeka ‘nendawo yokuhlala enokuthula.’—Isaya 32:17, 18.