Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 14, 2013
EDOMINICAN REPUBLIC

OFakazi Baba Nomshado Wokuqala Ongabhaliswanga Esontweni LobuKatolika Oqashelwa Ngokomthetho EDominican Republic

OFakazi Baba Nomshado Wokuqala Ongabhaliswanga Esontweni LobuKatolika Oqashelwa Ngokomthetho EDominican Republic

OFakazi BakaJehova ababili eDominican Republic bashada esenzakalweni esiyingqopha-mlando ngo-August 28, 2013. Kusukela ngo-1954, abantu abangazange bashadiswe isonto lobuKatolika noma abameleli bakahulumeni babengaqashelwa kuleli zwe ngenxa yesivumelwano esasenziwe iDominican Republic neVatican. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova kwadingeka babhalise imishado yabo kuhulumeni naphezu kwanoma umbuthano ababa nawo. Noma kunjalo, umthetho-sisekelo omusha uyiveza njengeqashelwa ngokomthetho imishado yezinye izinkolo, kuhlanganise neyoFakazi BakaJehova. Umshado wango-August 28 waba ngowokuqala kuleli ongabhaliswanga isonto lobuKatolika.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Dominican Republic: Josué Feliz, tel. +1 809 595 4007