Dlulela kokuphakathi

JANUARY 15, 2013
EFIJI

ISishingishane U-Evan Sihlasela Iziqhingi ZaseNingizimu Pacific

ISishingishane U-Evan Sihlasela Iziqhingi ZaseNingizimu Pacific

ESuva, eFIJI—Maphakathi no-December 2012, iSishingishane esiseSigabeni 4 ngamandla, sadala umonakalo eFiji naseSamoa. Njengesinye sezishingishane ezinamandla kakhulu ezake zahlasela elaseFiji eminyakeni engu-70 edlule, lesi sishingishane sidale umonakalo omkhulu oshiye izinkulungwane zabantu zingenamakhaya salimaza nezakhiwo zikahulumeni. Omunye umhlaziyi waqhathanisa umonakalo owenzeke eSamoa nalowo owabangelwa i-tsunami eyagadla ngo-2009.

OFakazi BakaJehova babika ukuthi alikho ilungu labo elilimele noma elishonile. Nokho, isishingishane lesi salimaza izindlu zoFakazi abaningi. EFiji, ukuhlola kokuqala kwabonisa ukuthi izindlu ezingaphezu kuka-80 zoFakazi zazilimele ezinye zibhidlikile. Esiqhingini saseSamoa e-Upolo, oFakazi abangu-47 balahlekelwa izindawo zokuhlala.

Labo abalahlekelwe izindawo eSamoa, bakhoseliswa okwesikhashana ezindlini zokukhulekela ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova kanye nasezindlini zabanye oFakazi. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Australia lenze izinhlelo ezengeziwe zokunikeza usizo eSamoa. Kusukela ngomhla ka-18 December 2012, kuye kwathunyelwa ukudla nezinto zokugeza emabandleni amane futhi ihhovisi lokuhumusha loFakazi BakaJehova lasetshenziswa njengendawo yokuthola amanzi ahlanzekile. Iqembu loFakazi lenze nemizamo yokulungisa izindlu ezilimele futhi lakhuculula lakhipha udaka namanzi ezindlini ngemishini ekhipha amanzi ngamandla. EFiji, izidingo eziphuthumayo zabathintekile ziye zanakekelwa amakomiti asiza ezinhlekeleleni akhiwa izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi. Manje, lawo makomiti ahlola ezinye izidingo zoFakazi abonakalelwa amasimu ngenxa yesishingishane.

UTevita Sadole, okhulumela oFakazi BakaJehova kwabezindaba eFiji, uthi: “Lesi sivunguvungu sisishiye nomsebenzi omningi, kodwa siyaqiniseka ukuthi sizokwazi ukuwenza. Sikubheke ngabomvu ukusiza amalungu ethu kanye nomakhelwane kulezi zinsuku ezizayo.”

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Australia: Donald MacLean, tel. +61 2 9829 5600

Fiji: Tevita Sadole, tel. +679 330 4766