Dlulela kokuphakathi

DECEMBER 12, 2012
EFRANCE

IFrance Iphindisela Imali Eyithathe Ngokungemthetho KoFakazi BakaJehova

IFrance Iphindisela Imali Eyithathe Ngokungemthetho KoFakazi BakaJehova

Ngemva kokuthethwa kwecala iminyaka engu-14, ngo-December 11, 2012, uhulumeni waseFrance wakhokhela oFakazi BakaJehova imali engama-euro angu-6 373 987,31 ($8,294,320).

Ngo-1998, uhulumeni wawuthe oFakazi BakaJehova kufanele bakhishiswe intela emba eqolo engamaphesenti angu-60 yeminikelo yabo futhi ngo-2003 wayala ukuba bakhiphe ingxenye yayo. INkantolo Yamalungelo Abantu BaseYurophu ithole ukuthi iFrance inecala lokwephula amalungelo enkolo oFakazi BakaJehova ngokubakhiphisa intela ngokungafanele, eyayingase ishiye oFakazi eFrance bengasenamali iphazamise nomsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli. Njengoba iNkantolo ithi ukukhishwa kwale ntela kwakungemthetho, manje uhulumeni waseFrance uphindisela le mali koFakazi isinenzuzo, futhi ukhokhela nezimali abazichithe bethetha amacala enkantolo.

Media Contacts:

J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

France: Guy Canonici, tel. +33 2 32 25 55 55