OKTHOBA 29, 2018
EFRANCE
Izikhukhula ENingizimu YeFrance
Ngo-Okthoba 14 kuya ku-15, 2018, izimvula ezinamandla zibangele umonakalo nezikhukhula ezindaweni eziseningizimu yeFrance, kwashona abantu abangaphezu kweshumi.
Ihhovisi legatsha laseFrance lisibikele ukuthi nakuba eminye imindeni kudingeke ukuba isuke ezindaweni zayo, abafowethu abahlala kule ndawo baphephile. Izindlu zoFakazi ezimbalwa zibe nomonakalo omncane, ezintathu zalimala kakhulu. Ihhovisi lasegatsheni leKomiti Yokunikeza Usizo, linikeza usizo oludingekayo kubafowethu abathintekile.
Siyaqhubeka sinokholo lokuthi uNkulunkulu wethu, uJehova, ‘uzobabamba ngokuqinile’ abafowethu abaqhubeka benamathele kuye kulezi zikhathi ezinzima.—IHubo 63:8.