Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 5, 2015
EFRANCE

Inkantolo Ephakeme Kunawo Wonke EFrance Iqeda Ubandlululo

Inkantolo Ephakeme Kunawo Wonke EFrance Iqeda Ubandlululo

Ngemva kokuhlangana, ngiyajabula futhi ngihlabelele ngedwa. Ukungivakashela kwenu kuyaduduza, futhi ukufunda iBhayibheli kunginika injongo ekuphileni.

Ngithanda ukubonga ngezinyathelo ezingokomthetho, ezokuqondisa nezingokomoya enizithathile ukuze kube nalolu hlelo lokufundisa ngezenkolo.

Leli lungiselelo liyimpendulo yemithandazo yami.

La mazwi ashiwo esinye seziboshwa zaseFrance esasibonisa ukwazisa ngosizo olungokomoya olwalunikezwa izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova.

Ngo-October 16, 2013, iNkantolo Ephakeme Kunazo Zonke eFrance yakhipha isinqumo esaqeda ukubandlululwa koFakazi BakaJehova okwase kunesikhathi eside eFrance. Isinqumo saleyo Nkantolo savumela izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova ukuba zingene emajele njengabafundisi bezenkolo abagunyaziwe ukuze zixoxe ngoNkulunkulu neziboshwa ezicela ukuvakashelwa. *

Izikhonzi EzingoFakazi Zazenqatshelwa Izitifiketi Zokufundisa Ngezenkolo

Kwase kuyiminyaka eminingi iziphathimandla zamajele zivumela izikhonzi ezingoFakazi ukuba zivakashele amajele ukuze zinikeze izeluleko futhi zifundise ngoNkulunkulu, nakuba zazingenazo izitifiketi zokufundisa ngezenkolo ezazizozenza ziqashelwe ngokomthetho. Lokhu kwaqala ukushintsha ngo-1995 ngemva kokuba iKhomishane Likahulumeni likhipha umbiko owadala impikiswano owawunohlu lwalokho okwakubizwa ngokuthi amahlelo ayingozi olwaluhlanganisa noFakazi BakaJehova. Ukufakwa koFakazi kulolu olungeluhle akuzange kuthunaze idumela labo kuphela—kodwa kwaqubula igagasi lobandlululo. Okunye kwalokhu kubandlululwa kwabonakala esimisweni samajele.

Nakuba imibiko kahulumeni ingenagunya elingokomthetho, amanye amajele asebenzisa lo mbiko wango-1995 ukuze answinye ukungeniswa kwezikhonzi ezingoFakazi ukuzobona iziboshwa ezicele usizo olungokomoya. Isikhonzi esinguFakazi sasingavakashela iziboshwa njengesakhamuzi ngendlela evamile hhayi njengomfundisi wezenkolo. Sasingasavunyelwe ukuza neBhayibheli noma incwadi yenkolo. Kwakufanele sona nalowo ovakashelwe bahlale egunjini lezivakashi likawonk’ uwonke okwakungelula ukuba nezingxoxo ezingokomoya kulo. Esinye isikhonzi esinguFakazi sathi ukuba kulelo gumbi kwakufana nokuba ‘sesiteshini sesitimela ngenxa yesimo nomsindo wakhona.’ Kwamanye amajele kwakufanele iziboshwa zikhunyulwe lapho ziseshwa ngemva kokuvakashelwa ngoba nje zingavakashelwe umfundisi wezenkolo ogunyazwe uhulumeni.

Ngo-2003, izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova zaqala ukufaka izicelo zezitifiketi zokufundisa ngenkolo ejele laseFrance ukuze zithole amalungelo afana nawabefundisi abagunyaziwe bezinye izinkolo. Zonke lezo zicelo zachithwa ngokungananazi. OFakazi bazidlulisela emagunyeni aphakeme aqondisayo lezi zinqumo ezenzelelayo nezinobandlululo kodwa nalapho zenqatshwa. Isizathu esingokomthetho sokwenqaba ukugunyaza izikhonzi ezingoFakazi ukuba zibe abafundisi bezenkolo esanikezwa uMnyango Wezobulungisa waseFrance sasiwukuthi oFakazi BakaJehova babengekho ohlwini lwezinkolo ezigunyazwe ukungena emajele. Lo Mnyango wabuye wachaza ukuthi wawukhathazeke ngokuthi uma unika omunye woFakazi BakaJehova isitifiketi sokufundisa ngezenkolo, lokho kwakuzokhuthaza nezinye izinkolo ezincane ukuba zicele lezi zitifiketi. Ngemva kokufekela kwemizamo yabo yokuxazulula lolu daba noMnyango Wezobulungisa, yayingasekho enye into oFakazi abangayenza ngaphandle kokuba balufake enkantolo lolu daba.

Uhulumeni Uyenqaba Ukuqeda Ubandlululo

Ngo-2006, oFakazi BakaJehova baqala ukufaka amacala okuchitha izinqumo zokwenqatshelwa kwabo nokuyala uMnyango Wezobulungisa ukuba unikeze izikhonzi ezingoFakazi izitifiketi zokufundisa ngezenkolo. Zonke iziNkantolo Eziqondisayo neziNkantolo Zokudlulisa Amacala ezweni lonke, ezazikhipha izinqumo ngalolu daba zathi ukwenqaba kukahulumeni kwakungekho emthethweni.

Ngaphezu kwalokho, ngo-2010, i-French High Authority for the Fight Against Discrimination and for Equality yawulahla umbono kahulumeni futhi yatusa ukuba uMnyango Wezobulungisa uluqede lolo bandlululo.

Uhulumeni waseFrance awugcinanga ngokusishaya indiva leso sixwayiso nesinqumo senkantolo kodwa wafaka isicelo sokulidlulisela leli cala eMkhandlwini Kahulumeni, okuyiNkantolo Ephakeme Kunazo Zonke.

Isinqumo Esiyingqopha-mlando Esivuna OFakazi BakaJehova

Ngo-2013, amacala oFakazi, kanye namanye amacala angu-9 afuze wona, ethulwa phambi koMkhandlu Kahulumeni. Esinqumweni sayo sango-October 16, 2013, le Nkantolo yazilahla izicelo zokudlulisa amacala ezazenziwe uhulumeni waseFrance. Yathi ukuze ijele lihloniphe amalungelo eziboshwa, kumelwe “ngokushesha nje lapho kufakwa izicelo, ligunyaze izikhonzi zenkolo ezanele ukuba zibe abafundisi bezenkolo, uma nje zihlangabezana nezimfuneko zejele zezokuphepha nokuhleleka okuhle.” Ngaphezu kwalokho, ubhekisela kuyi-French Constitution and the European Convention on Human Rights, lo Mkhandlu Kahulumeni wathi “inkululeko yombono, kanembeza neyenkolo yabantu abagqunywe ejele iqinisekisiwe futhi bangase bakhethe noma iyiphi inkolo abayithandayo.” Ngenxa yalesi sinqumo, kuze kube manje, sekukhishwe izitifiketi zokufundisa ngezenkolo ezingu-105 eFrance, nasemazweni aphesheya kwezilwandle angaphansi kwayo, okwenza iziboshwa zikwazi ukuvakashelwa abafundisi bezenkolo abangoFakazi BakaJehova.

Ngo-January 2014, iJele LaseFrance lamisa uJean-Marc Fourcault, omunye woFakazi BakaJehova, njengomfundisi wezenkolo woFakazi BakaJehova wezwe lonke. Ukumiswa okunjalo kwenza uMnu. Fourcault avunyelwe ukungena kuwo wonke amajele aseFrance. Ubuye wagunyazwa ukuba ummeleli woFakazi BakaJehova ejele. UMnu. Fourcault uthi: “Kusukela manje, abafundisi bezenkolo abangoFakazi BakaJehova bazokwazi ukuhlangana neziboshwa ngasese ezindaweni ezihloniphekile nezifanelekayo, ngezinye izikhathi bahlangane nazo ezitokosini zazo, njengoba nje kwenza abameleli bezinye izinkolo ezigunyaziwe.”

Lesi sinqumo siwukunqoba okubalulekile enkululekweni engokwenkolo eFrance. Siqinisekisa ukuthi iziboshwa zinelungelo lokuba senkolweni eziyithandayo nokuvakashelwa isikhonzi ezisithandayo. OFakazi BakaJehova bayabonga ngokuthi izinkantolo zaseFrance ziluqedile lolu bandlululo, okungelinye igxathu ekuqapheleni oFakazi BakaJehova njengenkolo eFrance.

^ isig. 6 Ezinye iziboshwa zaba oFakazi BakaJehova ngemva kokuxoxa noFakazi zisesejele. Ezinye kungenzeka zazike zaxoxa noFakazi noma zakhuliswa emindenini engoFakazi ngaphambi kokwenza ubugebengu manje sezifuna ukubuyela ebandleni. Kungakhathaliseki ukuthi isiphi isizathu esenza bacele ukuvakashelwa izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova ejele, laba bantu banelungelo lenkululeko engokwenkolo efanayo naleyo enikezwa iziboshwa zakwezinye izinkolo.