Dlulela kokuphakathi

JUNI 23, 2020
EGEORGIA

Ukukhulwa Kwe-Nguqulo Yezwe Elisha Ebukeziwe NgesiGeorgian

Ukukhulwa Kwe-Nguqulo Yezwe Elisha Ebukeziwe NgesiGeorgian

NgeSonto likaJuni 21, 2020, kwakhululwa i-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe ngesiGeorgian emhlanganweni okhethekile owaqhutshwa ngezobuchwepheshe bevidiyo. UMfoweth’ uGeoffrey Jackson, oyilungu leNdikimba Ebusayo, wakhulula leli Bhayibheli enkulumweni eyaqoshwa kusengaphambili. Kwaba nengqikithi yabantu abangu-19 521 abathamela lo mhlangano. Uhlelo olutholakala emishinini yobuchwepheshe lwale nguqulo ebukeziwe lwabe selutholakala ngaso leso sikhathi ukuba ludawunilodwe ku-jw.org.

Umsebenzi wokubukeza iBhayibheli lesiGeorgian wathatha iminyaka emine ukuba uphothulwe. Omunye umhumushi uthi, “Ulimi olulula lwenza ukuba imiBhalo iqondakale kalula kwabadala nabancane, ngakho ngithemba ukuthi imindeni izokuthokozela ukutadisha ndawonye.”

Omunye umhumushi wathi, “Umgomo wethu kwakuwukusiza bonke abafundi ukuba balithole kalula iphuzu, noma ngabe banemfundo engakanani.”

Siyaqiniseka ukuthi bonke abasebenzisa le nguqulo yeBhayibheli enembile necacile bayochichima ukumbonga uJehova ngenxa yalolu thando ababonise lona.—Jakobe 1:17.