Dlulela kokuphakathi

EGEORGIA

Amanqampunqampu NgeGeorgia

Amanqampunqampu NgeGeorgia

OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona eGeorgia kusukela ngo-1953. Bayinkolo esemthethweni futhi ngokuvamile benza imisebenzi yabo engokwenkolo ngaphandle kweziphazamiso. Nokho, kunezinkinga eziqhubekayo ezibangelwa abathile abashisekela inkolo.

Kusukela ngo-1999 kuya ku-2003, abashisekeli benkolo basusa udlame ngokumelene noFakazi BakaJehova. Laba bahlaseli baqhubeka ngenxa yokuthi iziphathimandla zazingabajezisi. Ngaleso sikhathi ilungu elithile lephalamende elalishisekela ubuzwe ngokweqile laphumelela okwesikhashana ukuphuca oFakazi ilungelo labo elingokwenkolo, okwabangela ukwanda kokuhlaselwa kwabo. OFakazi bafaka izikhalo eziyisithupha eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR), becela ukuba ingenele ekulungiseni le nkinga. Ngo-2007 nango-2014 i-ECHR yavumelana ngazwi-linye ukuthi uhulumeni waseGeorgia wayehlulekile ukuxazulula ngokushesha inkinga yokuhlukunyezwa koFakazi ngenxa yenkolo yabo. Ngo-2015 uhulumeni wavuma ukuthi kwakungafanele uphuce inhlangano yoFakazi ilungelo labo elingokwenkolo ngo-2001, futhi i-ECHR yakwamukela lokho.

Kuye kwancipha ukuhlukunyezwa koFakazi BakaJehova kuleli zwe, kusukela ngo-2004. Umsebenzi wabo uye wanda, futhi bakha namaHholo OMbuso amaningana. Nokho, ngezinye izikhathi baye bahlaselwa yilabo abashisekela inkolo. Le nkinga isalokhu iqhubeka ngenxa yokuthi ngokuvamile iziphathimandla ziyehluleka ukubajezisa labo abahlasela oFakazi. OFakazi balindele ukuba uhulumeni waseGeorgia enze ngokuvumelana nesinqumo se-ECHR, ngokuphenya amacala okuhlaselwa kwabo, nokubopha labo abathintekayo.