Dlulela kokuphakathi

OFakazi abathathu baseGeorgia abavunulile, bashutha nezihambeli ezimbili ezize emhlanganweni.

NOVEMBA 22, 2018
EGEORGIA

Umhlangano Wesifunda Okhethekile Wokuqala ETbilisi, EGeorgia

Umhlangano Wesifunda Okhethekile Wokuqala ETbilisi, EGeorgia

Abafowethu nodadewethu baseGeorgia bamukele izihambeli ebezivela emazweni angu-18 ebezize emhlanganweni wesifunda okhethekile onesihloko esithi “Yiba Nesibindi”!, obusenhloko dolobha yaleli zwe iTbilisi ngoJulayi 20-22, 2018. Bekuqala ukuthi kube nomhlangano okhethekile eGeorgia. Kube nezinkulumo eziningi ezakhayo, izihambeli zamukelwe ngemfudumalo, futhi zaboniswa izinto ezihlobone namasiko nomlando waleli zwe.

Umhlangano ububanjelwe enkundleni yemidlalo i-Olympic Palace eseTbilisi, futhi kuleyo nkundla bekunabantu abangaba ngu-7 002. Lo mhlangano ubusakazwa nasezindaweni ezingaba ngu-80 okwenze ukuba ingqikithi yababewuthamele ifinyelele ku-21 500.

Ngaphandle kwezinkulumo ezakhayo, izihambeli ziphinde zathola nethuba lokunambitha ukudla, nokubona imidanso, umculo waseGeorgia, kanye nendawo yaseTbilisi.

UTamaz Khutsishvili ongummeleli wehhovisi legatsha laseGeorgia uthi, “Ngaphambili besingenayo inkululeko engokwenkolo ezweni lethu. Kodwa kulokhu, iziphathimandla zisivumele ukuba sibe nalo mhlangano. Silijabulele kakhulu ithuba lokwamukela abafowethu nodadewethu abaningi kangaka kulesi senzakalo esikhethekile.”—Roma 15:7.

 

Emhlanganweni owawusenkundleni i-Olympic Palace ngoJulayi- 20-22, 2018, kwaba nabantu abangaba ngu-7 002. Abanye abangu-14 912 bathamela lo mhlangano kwezinye izindawo ezazixhunywe nge-inthanethi kuleli zwe.

Usuku ngalunye umfowethu uStephen Lett, oyilungu leNdikimba Ebusayo, wayebeka inkulumo yokuphetha.

Okwajabulisa nakakhulu, ukubona abafowethu nodadewethu abangu-208 bebhapathizwa. Idamu lokubhapathiza laliseduze nodonga lwamatshe oluyingxenye ye-Olympic Palace.

Umhlangano wasakazwa nge-inthanethi kwezinye izindawo ezingaba ngu-80.

Odade baseGeorgia bamukela isihambeli esivela kwelinye izwe. Udade ugqoke isigqoko esenziwe ngoboya bemvu esivame ukugqokwa ezindaweni ezisezintabeni eGeorgia.

NgoJulayi 17 kuya ku-18 kwaba nombukiso emaphandleni aseChâteau Mukhrani eseMukhrani, eduze kwaseTbilisi. Kulo mbukiso, wakunemidanso nomculo waseGeorgia kanye namavidiyo amabili ayechaza umlando woFakazi BakaJehova eGeorgia.

OFakazi bendawo badansa i-Adjaruli (igama lalo mdanso lithathelwe endaweni yase-Adjara, eseningizimu-ntshonalanga yaleli zwe eduze koLwandle Olumnyama). Imvunulo emibalabala yaseGeorgia yenza lo mdanso ukhange nakakhulu.

Abazalwane bendawo bacula iculo ngendlela yaseGeorgia.