EGermany
Isakhiwo Esiyisikhumbuzo EJalimane Sihlela Umbukiso Obonisa Indlela OFakazi BakaJehova Ababehlukunyezwa Ngayo Kuleli Zwe
Lo mbukiso ozohanjiswa amadolobheni ahlukahlukene ubonisa indlela oFakazi BakaJehova ababephathwa ngayo ngenxa yezinkolelo zabo.
Umbukiso Wokukhumbula Umhlangano WoFakazi Oyingqopha-mlando Owaba SeKassel EJalimane, Eminyakeni Engu-70 Edlule
Edolobheni laseKassel eJalimane, kwaba nomhlangano woFakazi BakaJehova omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona eYurophu, okwakuyisikhathi esinzima esasilandela iMpi Yezwe II.
Wonke Umuntu Useyamazi: Itshe Lesikhumbuzo LikaMax Eckert Ekamu Lokuhlushwa Eseliyindawo Yezikhumbuzo EDachau
Nakuba uMax Eckert, owayenguFakazi KaJehova, afa engaziwa ekamu lokuhlushwa, umphakathi usuyayazi le ndoda eyayinokholo oluqinile.
Izikhulu Ziklomelisa Ubaba Nendodana Ngokusiza Ekutakuleni Amadoda Amathathu Emotweni Eshayo
U-Andreas Bonk, ongomunye woFakazi BakaJehova, nendodana yakhe uJorim bathola izindondo ngenxa yesenzo sabo sesibindi nesokuzidela.
ISachsenhausen Yenza Isikhumbuzo Sokuhlonipha OFakazi BakaJehova Ababulawa AmaNazi
Ngo-September 16, 2014, i-Brandenburg Memorials Foundation ikhumbula isenzakalo esenzeka eminyakeni engu-75 edlule sokufa kuka-August Dickmann ekamu lokuhlushwa. Waba umuntu wokuqala ukubulawa amaNazi phakathi neMpi Yezwe II.
URichard Rudolph, Owasinda Ekamu Lokuhlushwa, Ushone Eneminyaka Engu-102 EJalimane
URichard Rudolph wakhuthazela iminyaka engu-19 eboshiwe ngaphansi kombuso wamaNazi namaKhomanisi ngenxa yezinkolelo zakhe.
Ukuvulwa Kwetshe Eliyisikhumbuzo LikaFakazi Owasinda Ekuqothulweni KwamaJuda EJalimane
Yini eyanikeza uMax Liebster osewashona amandla okusinda emakamu okuhlushwa amaNazi amahlanu?
IJalimane Liklomelisa Omunye WoFakazi BakaJehova Nge-Order of Merit
UMathilde Hartl unikezwe i-Order of Merit, umklomelo ophakeme kunayo yonke, eyinikezwa uNdunankulu waseBavaria.