Dlulela kokuphakathi

SEPTEMBER 12, 2014
EGERMANY

ISachsenhausen Yenza Isikhumbuzo Sokuhlonipha OFakazi BakaJehova Ababulawa AmaNazi

ISachsenhausen Yenza Isikhumbuzo Sokuhlonipha OFakazi BakaJehova Ababulawa AmaNazi

ESELTERS, eJalimane—ngo-September 16, 2014, iBrandenburg Memorials Foundation izoba nesenzakalo esikhethekile sokukhumbula iminyaka engu-75 yokubulawa kuka-August Dickmann ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen. Ungowokuqala owabulawa obala, ebulawa amaNazi phakathi neMpi Yezwe II ngenxa yezizathu zikanembeza.

August Dickmann, circa 1936.

Ngo-October 1937, uMnu. Dickmann waboshwa ekamu lokuhlushwa laseSachsenhausen ngenxa yezinkolelo zakhe njengomunye woFakazi BakaJehova. Ezinsukwini ezintathu ngemva kokugqashuka kweMpi Yezwe II ngo-1939, amaGestapo abiza uMnu. Dickmann amtshela ukuba asayine ikhadi lasebusosheni, elaliyomfaka ohlwini lwamasosha aseJalimane. Lapho uMnu. Dickmann enqaba wavalelwa yedwa egunjini lasejele futhi umkhuzi wamasosha wasekamu wacela imvume yokubulala uMnu. Dickmann kumphathi wama-SS phambi kwazo zonke ezinye iziboswa. Ngo-September 15, 1939, amakhulu oFakazi BakaJehova kanye nomfowabo kaMnu. Dickmann azalwa naye, uHeinrich, baphoqeleka ukuba babukele ukubulawa kukaDickmann. Ngemva kwezinsuku ezimbili, i-New York Times yakhipha umbiko iseJalimane othi: “U-August Dickmann, oneminyaka engu-29 ubudala, . . . udutshulwe amasosha.” Iphephandaba labuye lanezela ukuthi ubulawe ngenxa yokwenqaba ukwenza umsebenzi wasebusosheni “ngenxa yokunamathela ezinkolelweni zakhe.”

Ngo-September 18, 1999, umbhalo oyisikhumbuzo wokuhlonipha oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-890 ababeboshwe eSachsenhausen wachonywa odongeni olungaphandle kwesakhiwo esasiyikamu lokuhluhlwa. Ngaphezu kwalokho, kwembulwa itshe lesikhumbuzo lokuhlonipha uMnu. Dickmann.

Isenzakalo sokukhumbula iminyaka engu-75 sizokwenzelwa endaweni eyisikhumbuzo kaMnu. Dickmann, kulandele izinkulumo ezizonikezwa endaweni eyayiyikhishi lasejele. UDkt. Detlef Garbe, ongumlobi nomqondisi wekamu lokuhlushwa laseNeuengamme, uzobe eyisikhulumi esihambele.

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni Jikelele: uJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

EGermany: uWolfram Slupina, ucingo: +49 6483 41 3110