Dlulela kokuphakathi

UDkt. Gabriele Hammermann, umqondisi Wesikhungo Sezikhumbuzo Zasekamu Lokuhlushwa LaseDachau, ubonisa izilaleli itshe lesikhumbuzo likaMax Eckert ngesikhathi ethula inkulumo yakhe..

JULAYI 9, 2018
EGERMANY

Wonke Umuntu Useyamazi: Itshe Lesikhumbuzo LikaMax Eckert Ekamu Lokuhlushwa Eseliyindawo Yezikhumbuzo EDachau

Wonke Umuntu Useyamazi: Itshe Lesikhumbuzo LikaMax Eckert Ekamu Lokuhlushwa Eseliyindawo Yezikhumbuzo EDachau

Emcimbini owawungoMeyi 7, 2018, ekamu lokuhlushwa osekugcinwa kulo izikhumbuzo ezingokomlando eDachau, kwembulwa itshe lesikhumbuzo likaMfoweth’ uMax Eckert owayeboshwe kuleli kamu iminyaka emibili ngaphambi kokudluliselwa kwelinye ikamu elidumile lase-Austria, iMauthausen. UMfoweth’ uMax Eckert wafela kulelo kamu. Leli tshe lesikhumbuzo lembulwa phambi kwezibukeli ezingaba ngu-200. Nakuba abantu abaningi babengamazi uMfoweth’ u-Eckert, manje sebeyazi ukuthi wayeyindoda enokholo nethembekile kuNkulunkulu.

Isithombe sakamuva esibonisa indawo eyayiyikamu lokuhlushwa uMax Eckert ayeboshwe kuyo eDachau, ngaphambi kokudluliselwa eMauthausen.

Ikamu lokuhlushwa laseMauthausen, okwafela kulo uMax Eckert.

Imibiko ephathelene nokuphila kukaMfoweth’ u-Eckert ibonisa ukuthi wahlala eqotho kuNkulunkulu. Ngo-1935, yena nomkakhe bahlawuliswa ngenxa yokuxoxa nabanye ngokholo lwabo. Kamuva walahlekelwa umsebenzi ngenxa yokwenqaba ukuphatha ifulege laseGermany, elalunophawu lwamaNazi. Ngo-1937, waba phakathi koFakazi BakaJehova abangaba ngu-600 ababeqinile okholweni, ababeboshwe ejele laseDachau. Ngemva kweminyaka emibili, wadluliselwa ejele laseMauthausen, okwafela kulo iziboshwa ezingaphezu kuka-90 000 ngenxa yempatho enesihluku. NgoFebhuwari 21, 1940, inkosikazi kaMfoweth’ u-Eckert yathola incwadi ephuthumayo, eyayibhalwe ngendlela eyayingabonisi nhlobo uzwela nothando, iyibikela ngokushona komyeni wayo. Yayithi: “Umyeni ushonele ekamu namuhla. Uma ufuna okwengeziwe, xhumana namaphoyisa.” U-Eckert wayeneminyaka engu-43.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kulo mcimbi, uDkt. Gabriele Hammermann ongumqondisi Wesikhungo Sezikhumbuzo Zasekamu Lokuhlushwa LaseDachau wathi: “Abafundi BeBhayibheli [okuyigama oFakazi BakaJehova ababaziwa ngalo ngaleso sikhathi] babephathwa kabi ngenxa yokuthi izinkolelo zabo zazingabavumeli ukuba babe amalungu anoma iyiphi inhlangano yamaNazi, badumise uHitler noma basebenze kwezempi.” Wanezela wathi: “Ezinye iziboshwa ezaziboshwe nabo zabancoma Abafundi BeBhayibheli ngokubambelela ngokuqinile enkolweni yabo, nokuhlale bekulungele ukusiza.”

UMfoweth’ uWolfram Slupina, ongumkhulumeli wenhlangano yoFakazi BakaJehova eGermany, waphawula ukuthi abaningi ababekhona kulo mcimbi babengamazi uMfoweth’ u-Eckert. Wathi: “Asinaso ngisho nesithombe sakhe.” Kodwa wabonisa ukuthi itshe lesikhumbuzo lalizosiza abaningi “babone indlela [uMfoweth’ u-Eckert] ayezimisele ngayo ukubambelela ngokuqinile enkolweni yakhe, ngisho noma lokho kwakusho ukufa.”

Asingabazi ukuthi uJehova uyalukhumbula ukholo nobuqotho bukaMax Eckert, nabanye oFakazi BakaJehova abafa ngenxa yokholo lwabo.—Hebheru 6:10.