Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 9, 2013
EGERMANY

Ukuvulwa Kwetshe Eliyisikhumbuzo LikaFakazi Owasinda Ekuqothulweni KwamaJuda EJalimane

Ukuvulwa Kwetshe Eliyisikhumbuzo LikaFakazi Owasinda Ekuqothulweni KwamaJuda EJalimane

ESELTERS, eJalimane—Ngo-June 21, 2013, eLautertal-Reichenbach, kwavulwa itshe eliyisikhumbuzo likaMax Liebster osewashona, ongomunye woFakazi BakaJehova ababoshwa iminyaka engaphezu kwemihlanu emakamu okuhlushwa amaNazi. Imeya nezinye izikhulu zedolobha zavula itshe emcimbini owawuhanjelwe izakhamuzi zendawo kanye nenkosikazi kaMnumzane uLiebster, uSimone Liebster, nayo engomunye woFakazi BakaJehova.

Njengoba ayengumJuda ohlala eJalimane phakathi nokubusa kukaHitler embusweni wamaNazi, uMnumzane uLiebster waboshwa amaGestapo ngo-1939, ngemva kwalokho washushiswa emakamu okuhlushwa amahlanu: eSachsenhausen, eNeuengamme, e-Auschwitz, e-Buna naseBuchenwald. Amalungu angu-8 omndeni wakubo afela emakamu. Phakathi kwawo kwakukhona nobaba wakhe, okwadingeka athathe isidumbu ukuze siyoshiswa eSachsenhausen.

UMnumzane uLiebster wayejwayelene nezinye iziboshwa ezingoFakazi BakaJehova ezazisemakamu okuhlushwa. Lapho ededelwa ngo-1945, wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngokwalokho okushiwo umbhalo wethusi onanyathiselwe etsheni lakhe eliyisikhumbuzo, ukholo lukaMnumzane uLiebster “lwamnikeza amandla nesifiso sokusinda.” Waphila iminyaka engu-93, washona ngo-2008.

Isimemo somcimbi wokuvulwa kwetshe sithi uMnumzane uLiebster “wayeqiniseka ngokuphelele ukuthi izimiso zobuKristu zingenza abantu babe abantu abangcono.” Umkhulumeli woFakazi BakaJehova eJalimane, uWolfram Slupina, uthi: “Siyajabula ngokuthi kukhunjulwa ukuba nesibindi komunye wabaningi esikholwa nabo, ongenzanga into ephambene nonembeza wakhe lapho ebandlululwa ngokwenkolo. Le tshe eliyisikhumbuzo ngempela liwubufakazi bamandla esigijimi seBhayibheli sokuthula nobunye, oFakazi BakaJehova abalwela ukuba qotho kuso.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Germany: Wolfram Slupina, tel. +49 6483 41 3110