Dlulela kokuphakathi

MAY 1, 2013
EGERMANY

IJalimane Liklomelisa Omunye WoFakazi BakaJehova Nge-Order of Merit

IJalimane Liklomelisa Omunye WoFakazi BakaJehova Nge-Order of Merit

ESELTERS, eJalimane—UMathilde Hartl, ongomunye woFakazi BakaJehova, waklonyeliswa nge-Order of Merit ngomhla ka-22 February 2013, eyinikwa uHorst Seehofer, uNdunankulu waseBavaria. I-Order of Merit ingumklomelo ophakeme kunayo yonke iFederal Republic of Germany eklomelisa ngayo abantu abenze imisebenzi emihle ezweni.

UNkosazana Hartl, ohlala eBavaria, wanikwa umklomelo ngenxa yokunakekela indodana yakhe ekhubazekile uMartin, oseneminyaka engu-26. Lapho eseyingane kwatholakala ukuthi unesifo esibizwa ngokuthi i-Duchenne muscular dystrophy (DMD), isifo esibulala imisipha siyenze buthaka. Ngenxa yalokho, uNkosazana Hartl akalali ebusuku emnakekela, abheke ukuthi usaphefumula kahle bese emfinyisa ukuze kungangeni lutho emaphashini olungamenza agule noma aphathwe isifo sofuba. Enye yamadodana akhe, uMax, nayo yayinalesi sifo futhi igula nasengqondweni. UNkosazana Hartl wawanakekela ngothando amadodana akhe iminyaka eminingi. Ngeshwa, uMax washona ngo-2008 eneminyaka engu-19.

Lapho ebuzwa ukuthi uwatholaphi amandla okwenza konke lokhu, uNkosazana Hartl waphendula: “Ngisizwa yilokho engikukholelwayo. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngikuhlonipha kakhulu ukuphila. Uma nje ngisenawo amandla, ngifuna ukwenza noma yini ukuze indodana yami ijabulele ukuphila naphezu kokukhubazeka kwayo.”

UNdunankulu uSeehofer wancoma uNkosazana Hartl nabanye oFakazi ngala mazwi: “Ngamunye wenu wenze umhlaba waba indawo engcono.”

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Germany: Wolfram Slupina, tel. +49 6483 41 3110