Dlulela kokuphakathi

APRIL 7, 2014
EGERMANY

URichard Rudolph, Owasinda Ekamu Lokuhlushwa, Ushone Eneminyaka Engu-102 EJalimane

URichard Rudolph, Owasinda Ekamu Lokuhlushwa, Ushone Eneminyaka Engu-102 EJalimane

ESELTERS, eJalimane—URichard Rudolph, ongomunye woFakazi BakaJehova, owasinda emakamu okuhlushwa ayisihlanu amaNazi futhi wabekezelela ukuboshwa ngaphansi kokubusa kwamaKhomanisi, ushone ngo-January 31, 2014. Ubeneminyaka engu-102 ubudala.

Ngemva kokuba amaNazi ethathe umbuso ngo-1933, umsebenzi woFakazi BakaJehova wavinjelwa ezingxenyeni eziningi sazeJalimane. Ngenxa yalokho, oFakazi abangu-11 300 bavalelwa amaNazi emajele, kwathi abangu-4 200 babo bayiswa emakamu okuhlushwa, kuhlanganise noMnumzane uRudolph. Abangu-1 500 balahlekelwa ukuphila kwabo. Ngaphansi kombuso wamaNazi, uMnumzane uRudolph wachitha iminyaka engu-9 ejele futhi wayiswa emakamu okuhlushwa ayisihlanu, kuhlanganise namakamu anesihluku eSachsenhausen naseNeuengamme, lapho kwavalelwa khona abantu abangaphezu kuka-300 000 futhi kwafa abantu abangu-140 000.

URichard Rudolph (ophahleni, kwesokudla) wayengomunye weziboshwa ezaphoqelelwa ukuba zakhe ikamu lokuhlushwa laseNeuengamme ngo-1940.

Ngo-1944, uMnumzane uRudolph wathunyelwa ekamu elincane laseNeuengamme, iSalzgitter-Watenstedt. Izinkolelo zakhe zazimvimbela ukuba enze noma yiluphi uhlobo lomsebenzi oluhlobene nokwenziwa kwezikhali futhi ngenxa yalokho wasongelwa ngokubulawa. Nokho, iphoyisa lama-SS elinobungane, lahlabeka umxhwele ngenxa yezinkolelo zikaRudolph, lamthatha lamfihla elolini elithwala ukudla, okwamenza waphunyuka ekubulaweni.

Ngemva kweMpi Yezwe II, uRudolph waqhubeka nomsebenzi wakhe njengomunye woFakazi BakaJehova eSoviet Occupation Zone, kamuva eyaba iGerman Democratic Republic (GDR). Waphinde waboshwa ngo-1950 futhi wavalelwa ejele. Isiyonke, iminyaka ayichitha ejele ngenxa yezinkolelo zakhe yayiyiminyaka engaphezu kuka-19.

U-Ann-Jacqueline Frieserm noRichard Rudolph, ondaba yakhe yokuphila yenza u-Ann-Jacqueline waklonyeliswa ngo-2009.

Kwaphela amashumi eminyaka uRichard Rudolph ekwenza umgomo wakhe ukuxoxela abanye isigijimi seBhayibheli nokubatshela izifundo azitholile ekuphileni kwakhe kwangaphambili ngemiphumela ebuhlungu yobandlululo. Ngo-2009, umfundi waseJalimane, u-Ann-Jacqueline Frieser, wathola imiklomelo emibili eFederal President’s History Competition ebhalwe ukuthi “Amaqhawe Nje Avamile” ngenxa yendaba ephathelene nokuphila kukaRichard Rudolph nengxoxo ayebe nayo naye. Waphuma phambili eRheinland-Palatinate futhi wayephakathi kwabafundi abathathu abathola umklomelo kaZwelonke.

UWolfram Slupina, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eJalimane, uthi: “URichard Rudolph wayengeyena nje kuphela umngane nomkhulekeli esikanye naye kodwa futhi wayengumthombo oyigugu kakhulu wolwazi olungokomlando. Ukholo nesibindi esiphawulekayo ayenaso kuyisibonelo esihle kithi sonke.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Germany: Wolfram Slupina, tel. +49 6483 41 3110