Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 4, 2014
EGREECE

Eziphathelene Nomhlangano WeZizwe: OFakazi BakaJehova Babamba Umhlangano Enkundleni Yama-Olympic EGreece

Eziphathelene Nomhlangano WeZizwe: OFakazi BakaJehova Babamba Umhlangano Enkundleni Yama-Olympic EGreece

USamuel Herd (ngakwesokudla), oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, waphetha usuku ngalunye ngenkulumo yeBhayibheli eyayihunyushelwa olimini lwesiGreki.

Kulo mhlangano kwaba khona nobhapathizo ngoMgqibelo, ngo-June 28; kwabhapathizwa abangu-305 eGreece nabangu-32 eCyprus, okwenza ingqikithi yabantu abangu-337.

E-ATHENS, eGreece—NgoJune 27-29, 2014, oFakazi BakaJehova baba noMhlangano WeZizwe onesihloko esithi “Qhubekani Nifuna Kuqala Umbuso KaNkulunkulu!” eNkundleni Yemidlalo yama-Olympic e-Athens, lapho kwadlalela khona imidlalo yama-Olympic yango-2004. Kwahlangana abafundi beBhayibheli abangu-35 863 kuleyo nkundla. Ezinye izingxenye zalowo mhlangano zalalelwa abanye abantu abangu-3 093 ababexhunywe nge-video eBelgium naseCyprus, okwenza ukuba ababekhona bagcine sebefinyelele ku-38 956.

Ababekhona kulo mhlangano bahlanganisa izihambeli ezazivela eCroatia, eHungary, eKorea, eRomania, eNingizimu Afrika, eTurkey nase-United States. UChristina Michail, oyimenenja yenkundla yemidlalo yama-Olympic, wathi: “Kube yintokozo enkulu ukubona abantu abavela ezinhlangeni eziningi kangaka nasemazweni ahlukahlukene, bonke behleli ndawonye, bethatha izithombe ndawonye; futhi ngiwuthandile umoya wabo wothando . . . Lokhu kuyaphawuleka ngempela. Asivamile ukubona into enje kule nkundla. Ngokuvamile siba nabathandi bezemidlalo nabalandeli bamaqembu, futhi indlela abaziphatha ngayo ihluke kakhulu; yingakho kusihlaba umxhwele futhi sikujabulela ukubukela lokhu esikubonayo.”

Ababeze kulo mhlangano owawuseNkundleni Yemidlalo Yama-Olympic e-Athens.

URobert Kern, okhulumela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eGreece, wanezela: “Sithole intilibathwa yezincwadi ebezinamazwi okubonga ngesimiso somhlangano nangethuba lokuhlangana nabazalwane bethu abasemhlabeni wonke. Kwaba injabulo enkulu ukuba kanye nabakhulekeli esikanye nabo abavela kwamanye amazwe kulesi senzakalo esingasoze salibaleka.”

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni jikelele: UJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

EGreece: UBabis Andreopoulos, ucingo: +30 210 617 8606