Dlulela kokuphakathi

JULAYI 27, 2018
EGREECE

Umlilo Onamandla EGreece

Umlilo Onamandla EGreece

Umlilo wequbula ohambisana nomoya onamandla ulimaze abantu kanye nezinto zabo endaweni engaphandle kwe-Athens, eGreece. Kufe abantu abangaphezu kwabangu-75, kwalimala abangu-187, futhi kuyaqala eminyakeni engaphezu kweyishumi ukuba kube nomlilo owenze umonakalo omkhulu kangaka.

Umbiko ovela egatsheni loFakazi BakaJehova eGreece ubonise ukuthi abekho abafowethu abalimele noma abashonile. Nokho, bonke abafowethu abasezindaweni ezithintekile kudingeke babalekele emakhaya abazalwane abasemabandleni aseduze. Kunemizi emine yoFakazi elimele kakhulu, omunye ushe waphela.

Siyabathandazela abafowethu abathintekile kule nhlekelele, kanye nalabo ababasizile babanikeza izindawo zokuhlala. (Johane 13:34, 35) Siyazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ebasekela kulesi sikhathi esinzima.