Dlulela kokuphakathi

JUNI 5, 2018
EGUATEMALA

Kuqhuma Intabamlilo EGuatemala

Kuqhuma Intabamlilo EGuatemala

NgeSonto, ngoJuni 3, 2018, kwaqhuma intambamlilo iVolcan de Fuego eseGuatemala, kwasakazeka udaka olubilayo olwalandelwa yifu lentuthu elaliphakeme ngamakhilomitha angu-9. Kunamabandla angaphezu kwayishumi kule ndawo athintekile. Siyabonga ngokuthi abekho abafowethu nodadewethu abalimala, nakuba abangu-8 kwadingeka basuswe ngokushesha ukuze baphephe. Amabandla asezifundeni ezingomakhelwane enza ngokuvumelana neyesi-2 Korinte 8:14, 15, anikela ngezinto eziyisidingo, izindawo zokuhlala nezinto zokuhamba.