Dlulela kokuphakathi

May 6, 2015
EGUATEMALA

Izikole ZaseGuatemala Zikhuluma Ngobudlova Bentsha; Zicela Izincwadi KoFakazi BakaJehova

Izikole ZaseGuatemala Zikhuluma Ngobudlova Bentsha; Zicela Izincwadi KoFakazi BakaJehova

EMEXICO CITY—Izikole ezintathu eGuatemala zicele izincwadi koFakazi BakaJehova ezizozisebenzisa emsebenzini wazo wesikole. OFakazi babe sebenikela ngezincwadi ezingu-3 500 zeSpanishi nesiQuiché. IsiQuiché, singolunye lwezilimi zesiMaya, olukhulunywa amaNdiya aseMelika ezifundeni zezintaba ezisentshonalanga yeGuatemala.

Esikoleni saseParaje Xepec: Uthisha ufundisa ekilasini esebenzisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Izifundo Engizithola EBhayibhelini, ezinikelwe oFakazi BakaJehova.

Izikole zaxhumana noFakazi BakaJehova ngoba bangenye yezinhlangano ezimbalwa ezikhipha izincwadi ngesiQuiché futhi izincwadi zabo eziningana zikhuluma ngezinkinga intsha yaseGuatemala ebhekana nazo. Encwadini yomthetho evela esikoleni esithile seseParaje Xepec, uProfesa Maria Cortez wathi izincwadi uzicelela “ukubuyisa isimilo nemikhuba emihle yokuziphatha okudingeka kakhulu emphakathini.”

Esikoleni i-Elisa Molina de Sthall: Izingane zifunda INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngesiQuiché.

Ucwaningo lwamuva lubonisa ukuthi ubugebengu nobudlova entsheni bande kulo lonke elaseGuatemala. Ngenxa yalesi sizathu, kuye kwasungulwa izinhlangano ezinjenge-Violence Prevention Program (VPP) eGuatemala ngomgomo wokuhilela “abafundi, abazali, othisha nezikhulu zendawo kanye nomphakathi wonkana ukuba babe nezindawo eziphephile ezikoleni nakwezinye izindawo futhi bahlele imisebenzi nezingxoxo ezizoqeqesha intsha nasebekhulakhulile.” Ngokuvumelana nalezi zinyathelo i-National Institute of Basic Education with Agricultural Orientation (INEBOA), isikole i-Elisa Molina de Sthall (EORM) nesikole saseParaje Xepec, bacela amakhophi encwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngesiQuiché. I-INEBOA yacela nezincwadi zoFakazi ezenzelwe intsha uMqulu 1 noMqulu 2 wethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ngeSpanishi. Isikole sanikeza abazali amakhophi ezincwadi ukuze basize izingane zabo zilungiselele umsebenzi wesikole wekilasi lezamasiko. Ngaphezu kwalokho, isikole safaka ne-video ethi Indodana Yolahleko Iyabuya, ekhiqizwa oFakazi BakaJehova ohlwini lwezinto ezizofundwa esikoleni.

U-Erick De Paz, okhulumela oFakazi BakaJehova eGuatemala, uthi: “Nakuba umgomo wethu oyinhloko uwukuxoxa nabantu ngomyalezo wethu oseBhayibhelini emizini yabo, siyajabula ngokuthi izincwadi zethu ziwusizo kothisha nakubazali ukuze basize intsha.”

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

AbaseGuatemala: uJuan Carlos Rodas, ucingo +502 5967 6015

AbaseMexico: uGamaliel Camarillo, ucingo +52 555 133 3048