Dlulela kokuphakathi

OKTHOBA 15, 2018
EHAITI

Ukuzamazama Komhlaba Kuhlasela Inyakatho YeHaiti

Ukuzamazama Komhlaba Kuhlasela Inyakatho YeHaiti

NgoMgqibelo, ngo-Okthoba 6, 2018, kube nokuzamazama komhlaba okungu-5.9, okuhlasele inyakatho yeHaiti kwafa abantu abangu-17 kwalimala abangaphezu kuka-300.

Abekho abazalwane abashonile, kodwa ababili balimele. Imibiko evela kubabonisi besigodi ibonise ukuthi kulimale imizi engu-44 kanye namaHholo OMbuso amane. Edolobheni lasePort-de-Paix kuye kwadingeka ukuba abazalwane abangaba ngu-50 nemindeni yabo basuke emizini yabo ngoba ayisaphephile. Njengamanje le mindeni inakekelwa ibandla lendawo. Ilungu leKomiti Yegatsha yaseHaiti kanye nabazalwane ababili abasebenza emnyangweni weLocal Design/Construction, bavakashele le ndawo ukuze bayohlola umonakalo futhi bakhuthaze nabafowethu. Kumiswe iKomiti Yokunikeza Usizo ukuze kuhlelwe ukunikezwa kwabafowethu usizo abaludingayo.

Siyaqhubeka sicabanga ngabafowethu baseHaiti futhi sibathandazela. Siyajabula ngokuthi uBaba wethu osithandayo uye wathembisa ukududuza izinceku zakhe ezithembekile.—IHubo 119:76.