Dlulela kokuphakathi

MEYI 15, 2017
EHAITI

Usuzophothulwa Umsebenzi Wokusiza Ngemva Kokugadla KweSiphepho UMatthew EHaiti

Usuzophothulwa Umsebenzi Wokusiza Ngemva Kokugadla KweSiphepho UMatthew EHaiti

Ikomiti yokusiza ezinhlekeleleni ifake uphahla olusha kuleli khaya.

EPORT-AU-PRINCE, eHaiti—ISiphepho uMatthew, esagadla ngo-Okthoba 4, 2016, sibhekwa njengesibi kunazo zonke ezake zahlasela eHaiti eminyakeni engaphezu kwengu-50 edlule. Lesi siphepho sadala umonakalo omkhulu owagcina ukwenzeka ngo-2010 ngesikhathi kuzamazama umhlaba. Njengoba kwabikwa ekhasini leZindaba le-jw.org ngo-Okthoba 24, 2016, oFakazi BakaJehova baqale basiza ngokudla, imithi nangamatende. Ngemva kokuhlolisisa umonakalo, ngoJanuwari 1, 2017 oFakazi babe sebeqala ingxenye yesibili yosizo, lapho bamise khona amakomiti amathathu osizo lwezinhlekelele ukuze aqondise amaqembu angu-14 ezisebenzi zokwakha ezase ziqale umsebenzi wokulungisa amakhaya angaba ngu-203 ayonakele nadilikile. Kulindeleke ukuba lo msebenzi woFakazi uphothulwe ngoJuni 2017.

UDaniel Lainé, umkhulumeni wendlunkulu yoFakazi wasePort-au-Prince uthi: “Injongo yalo msebenzi ukusiza bonke esikhonaza nabo abalimalelwe izindlu zabo ngesikhathi sesiphepho ukuba babe nezindlu ezifanelekayo.” Akubanga lula ukufinyelela lo mgomo. UMnuz.’uLainé uthi ukonakala kwezingcingo zokuxhumana nemigwaqo “kwenze umsebenzi wethu wokusiza waba nzima.” Ngo-Aphreli 20 bese kuqedwe izindlu ezingu-96 futhi kusasetshenzwa kwezingu-30.

USmith Mathurin, ongusekela walowo omelele imiphakathi yasePaillant nasePetite Rivière de Nippes ePhalamende.

Izikhulu zendawo ziyawujabulela umsebenzi owenziwa oFakazi. USmith Mathurin, ongusekela walowo omelele imiphakathi ethinteke kakhulu yasePaillant nasePetite Rivière de Nippes ePhalamende, uthi: “Nakuba umsebenzi oyinhloko woFakazi BakaJehova uwukusakaza izindaba ezinhle, baye babasiza nangezinye izindlela labo abadinga usizo.” Uyanezela: “OFakazi BakaJehova baye basiza kakhulu ngemva kweSiphepho uMetthew, futhi ngiyabonga ngalokho. Bekudingeka usizo futhi anizange nimane nihlale esontweni lenu.”

Ummeleli wehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eHaiti uboniswa ukwakhiwa kophahla olusha.

INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova esendlunkulu yomhlaba wonke eWarwick, eNew York yenza konke okudingekayo ukuze kusizwe lapho kunezinhlekelele, isebenzisa iminikelo yomsebenzi woFakazi wokufundisa ngeBhayibheli emhlabeni wonke.

Abezindaba:

Emhlabeni wonke: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000

EHaiti: UDaniel Lainé, +509-2813-1560