Dlulela kokuphakathi

Izikhukhula edolobheni laseHitoyoshi

JULAYI 23, 2020
EJAPANE

Izimvula Ezinamandla Nezikhukhula Kucekele Phansi Iningizimu YeJapane

Izimvula Ezinamandla Nezikhukhula Kucekele Phansi Iningizimu YeJapane

Ekuqaleni kukaJulayi 2020 kwaba nezimvula ezinamandla ngokungajwayelekile eJapane, ezabangela izikhukhula nokubhidlika komhlabathi eKyushu. Le nhlekelele ibakhahlameze kakhulu abafowethu nodadewethu abahlala edolobheni laseMinamata naseHitoyoshi eSifundazweni saseKumamoto, nasedolobheni lase-Omuta eSifundazweni saseFukuoka. Akekho uFakazi KaJehova oshonile, kodwa umfowethu oyedwa nodadewethu oyedwa bathola imihuzuko. Ngaphezu kwalokho, izikhukhula zicekele phansi imizi yabafowethu engu-48 kanye namaHholo OMbuso amabili. Amanye amaHholo oMbuso amabili alinyazwa ukubhidlika komhlabathi.

IKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni YaseKyushu/Okinawa, eyamiswa yihhovisi legatsha laseJapane ukuze inikeze usizo ngenxa ye-COVID-19, isihlela nomsebenzi wokunikeza usizo ngenxa yalezi zikhukhula. Abameleli boMnyango Wokuklama/Nokwakha iLDC kanye nababonisi bezigodi kule ndawo bafaka isandla nabo ekunikezeni usizo oludingekayo kulesi simo esiphuthumayo.

Sithandazela ukuba uJehova, “uNkulunkulu osisiza ukuba sikhuthazele nosinika induduzo,” aqhubeke esekela abafowethu nodadewethu abakhahlanyezwe yile nhlekelele.—Roma 15:5.