Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 12, 2013
EJAPANE

Kugadla ISiphepho UWipha EJapane

Kugadla ISiphepho UWipha EJapane

ISiphepho uWipha sihlasele ogwini olusempumalanga yeJapane ngo-October 16, 2013. Isiqhingi esincane i-Oshima, esiqhele ngamakhilomitha angu-120 eningizimu yeTokyo, singezinye zezindawo ezibe nomonakalo omkhulu. Izimvula eziza nalesi siphepho, ezingamasentimitha angu-84 ukuphakama, zibangele ukuphuphuma kwemifula nokukhukhuleka kodaka, okubulale abangu-35. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eJapane liye laqinisekisa ukuthi akekho noyedwa uFakazi webandla lase-Oshima ofile noma olimele. Indlu yomunye umkhaya woFakazi yonakele ophahleni, futhi amalungu ebandla aye asiza ekuyilungiseni. OFakazi kule ndawo basize nomakhelwane babo, babanikeza usizo nenduduzo eseBhayibhelini.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Japan: Shiro Hayasaki, tel +81 46 233 0005