JULAYI 12, 2018
EJAPANE
Izikhukhula Zibangele Umonakalo ENtshonalanga YeJapan
Izikhukhula zibangele umonakalo omkhulu ohambisana nokudilika kwenhlabathi entshonalanga yezwe laseJapan, kwafa abantu abangaphezu kuka-168, kwathi imizi engaphezu kuka-255 000 yasala ingenawo amanzi.
Nakuba bengekho oFakazi BakaJehova abashonile kule nhlekelele, kulimale udade oyedwa kwathi abanye oFakazi abangu-200 basuswa ngokushesha endaweni yenhlekelele. Udade olimele uthole usizo esibhedlela futhi manje uyalulama. Kulimale imizi yabafowethu engaphezu kuka-102, kwathi owodwa wabhidlika ngokuphelele. Kulimale namaHholo OMbuso angu-11 neHholo Lomhlangano elilodwa ngenxa yalezi zikhukhula.
Kumiswe amaKomiti Okunikeza Usizo amane ukuze kududuzwe futhi kuqiniswe ukholo lwabafowethu nodadewethu abathintekile, futhi bathole izinto eziyisidingo njengokudla, izingubo namanzi. La makomiti azohlela nosizo oluqhubekayo oluhlanganisa ukuhlanza, ukubulala amagciwane kanye nokulungisa izindlu zabafowethu.
Siyabathandazela abafowethu nodadewethu abathintekile kule nhlekelele eyenzeke eJapan njengoba sisalindele isikhathi lapho uJesu eyosebenzisa khona amandla akhe ukuze aqede zonke izinhlekelele emhlabeni.—Mathewu 8:26, 27.