Dlulela kokuphakathi

JANUARY 27, 2015
EKAZAKHSTAN

OFakazi Bakhangisa NgeBhayibheli Elisha LesiKazakh Emhlanganweni Wesifunda Nalapho Kumenywe Khona Uwonk’ uwonke

OFakazi Bakhangisa NgeBhayibheli Elisha LesiKazakh Emhlanganweni Wesifunda Nalapho Kumenywe Khona Uwonk’ uwonke

UGerrit Lösch weNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ukhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yesiKazakh.

E-ALMATY, eKazakhstan—Emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova obungo-September 26-28, 2014, kukhululwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngesiKhazakh. Bonke abebekhona abangu-3 721 bakwazile ukulithola leli Bhayibheli elisha.

Ephawula nge-Nguqulo Yezwe Elisha yesiKazakh, uDkt. Alexander Garkavets, oyisazi sezilimi wathi: “Naphezu kokungabi nazo zonke izinto ezidingekayo ukuze kuhunyushelwe imibhalo engcwele olimini lwesi-Kazakh, abahumushi abangoFakazi benze umsebenzi omuhle ngokuphawulekayo. Iyancomeka indlela abaveze ngayo izindlela ezintsha zokuhumushela olimini lwesiKazakh. INguqulo Yezwe Elisha isolimini lomdabu lwanamuhla ngakho iqondwa kalula yiwo wonke umuntu.”

Kumenywe uwonk’ uwonke: OFakazi bakha ithende lomdabu (isakhiwo sokuhlala sabantu abakhuluma isinomad) lapho babenika khona abantu ukudla okulula.

Ngesonto langemva kwalowo mhlangano, ngo-October 3, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eKazakhstan lamema uwonk’ uwonke futhi lakhangisa ngeBhayibheli Elisha lesiKazakh. Umsakazo osakaza izindaba zaseKazakhstan, i-Radio Azattyq, wabika lokhu ngalesi senzakalo: “Lesi sikhungo sahanjelwa izisebenzi zikahulumeni wase-Akimat (uhulumeni wesifunda) wedolobha lase-Almaty, ziholwa inhloko yoMnyango WeZenkolo, uMnu. Nurzhan Zhaparkul, abameleli bezindaba zangaphandle, ongoti emfundweni yezenkolo nabanye.” UMnu. Zhaparkul waphawula: “OFakazi BakaJehova basamukela ngezandla ezifudumele kulesi senzakalo esikhungweni sabo e-Almaty. Lo msebenzi wobuvula-ndlela abawenzile uncomeka kakhulu futhi usisiza kakhulu emsebenzini wethu.”

UNurzhan Zhaparkul (ophakathi), inhloko yoMnyango Wezenkolo, nezinye izisebenzi zikahulumeni zeKomiti Yezenkolo bahamba bebuka ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lapho kwakumenywe khona uwonk’ uwonke.

Isimemo sikawonk’ uwonke sasakazwa e-Almaty.

Umkhulumeli woFakazi BakaJehova eKazakhstan, ePolat Bekzhan, wathi: “Sijabule kakhulu ngendlela abantu abeze ngayo emhlanganweni wethu wesifunda kulo nyaka nangendlela umphakathi owandayo okhuluma isiKazakh olamukele kahle ngayo iBhayibheli lesiKazakh. Kanti nomgomo wethu wokumema uwonk’ uwonke, owukunika izisebenzi zikahulumeni, abezindaba, nomakhelwane bethu, ithuba lokubazi kangcono oFakazi BakaJehova, ufezekile.”

Abezindaba okungaxhunyanwa naye:

Emhlabeni-jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

EKazakhstan: EPolat Bekzhan, ucingo +7 727 232 36 62