Dlulela kokuphakathi

JUNI 6, 2018
EKAZAKHSTAN

Ukuboshwa Izinsuku Ezingu-441—Ingxoxo NoTeymur Kanye NoMafiza Akhmedov

Ukuboshwa Izinsuku Ezingu-441—Ingxoxo NoTeymur Kanye NoMafiza Akhmedov

Umfowethu uTeymur Akhmedov wakhululwa ngo-Ephreli 4, 2018, ngemva ngokuba umongameli waseKazakhstan uNursultan Nazarbayev emnikeze ushwele. Wayeseboshwe izinsuku ezingu-441. Iziphathimandla zazimbophele ukuthi wayexoxa nabanye ngenkolo yakhe.

Ngemva kokukhululwa kukaTeymur ejele, iHhovisi Lokwaziswa (i-OPI) elisendlunkulu yoFakazi BakaJehova eWarwick, eNew York, laxoxa naye nomkakhe uMafiza. UTeymur nomkakhe uMafiza sebebuyele ekhaya e-Astana, inhloko-dolobha yeKazakhstan. Nansi ingxoxo yabo efushanisiwe nesilungisiwe ukuze izwakale ngokucacile.

I-OPI: Sifisa ukuqale sithole okwengeziwe ngawe, Mfoweth’ u-Akhmedov. Waba nini uFakazi KaJehova?

UTeymur Akhmedov: Ngabhapathizwa ngo-Okthoba 9, 2005. Kwase kuyiminyaka eminingi ngingakholelwa kuNkulunkulu nakunoma yini enye, futhi ngingasonti. Kamuva, umkami waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi nami ngafisa ukwazi ukuthi babexoxa ngani. Ngangima ngemva kwesicabha, ngilalele lapho bexoxa.

Ngamangala lapho ngizwa lokho ababexoxa ngakho, ngoba babekhuluma ngezinto ezinhle kuphela. Ngokuhamba kwesikhathi, oFakazi bangihlanganisa nomzalwane uVeslav, owayengowasePoland kodwa ehlala eKazakhstan. Lapho ngiqala ukuxoxa naye ngathi kuye: ‘Nginombuzo owodwa nje kuphela. Uma ingigculisa impendulo yakho, sizoba abangane futhi sizoqhubeka sixoxa ngeBhayibheli. Uma ingangigculisi, ngeke siqhubeke nengxoxo yethu.’ Ngabe sengimbuza ukuthi kwenzekani kumuntu uma esefile. Wavula umShumayeli 9:5 wabe esethi, ‘Funda leli vesi, uzothola ukuthi kwenzekani.’ Lapho ngilifunda leli vesi, ngabona ukuthi kwakuyiqiniso leli engangilifunda. Ngavuma ukuba siqhubeke sihlangana ukuze sitadishe iBhayibheli.

Ngakho watadisha iBhayibheli, wagcina usubhapathiziwe ngo-2005.

Manje, asixoxe ngalokho okwenzeka ngaphambi nje kokuba uboshwe. NgoMeyi 2016, wahlangana namadoda akutshela ukuthi afisa ukwazi okwengeziwe ngenkolo yoFakazi BakaJehova. Ezinyangeni ezimbalwa ezalandela, wahlangana nawo la madoda izikhathi eziningana ukuze nixoxe ngeBhayibheli. Uma usucabanga ngezingxoxo zenu, kukhona yini ababekusho noma ababekwenza okwakusolisa?

U-TA: Kukhona. Ngabatshela ukuthi ngokuvamile isifundo seBhayibheli siqhutshwa nomuntu oyedwa, hhayi neqembu. Njalo lapho ngibatshela ukuthi kungangcono bahlukane, babevele banqabe bathi bathanda ukutadisha beyiqembu. Kanti izikhathi eziningana babeke bameme nabanye lapho sifunda, bese bethi angiphinde ngisho izinto esasixoxe ngazo ngokudlule.

UMafiza Akhmedov: Nami ngake ngaba khona lapho befunda. Ngaphawula ukuthi babexoxa ngezinkolo ezihlukahlukene, nakuba kwase kuyisikhathi eside beqalile ukutadisha. Ngaphawula nokuthi indawo ababehlala kuyo yayibiza kakhulu ukuthi ingahlala abafundi. Ngabatshela ngalokho engangikuphawula ngendawo yabo. Lokho kwabenza bangabe besakhululeka. Lapho sesihamba, badonsela uTeymur eceleni, bamtshela ukuthi ngokuzayo angabe eseza nami.

Wathola nini ukuthi la madoda ayengafuni ukwazi ngeBhayibheli, kodwa ayesebenza umshoshaphansi nophiko lwamaphoyisa lwezokuvikela laseKazakhstan, i-KNB?

U-TA: Ngaze ngathola sesisenkantolo ukuthi babesebenzelana ne-KNB.

Wazizwa kanjani lapho uboshwa futhi ubekwa amacala “okugqugquzela inzondo yezinye izinkolo nokuveza inkolo yakho njengengcono kunezinye”?

U-TA: Empeleni, lapho ngiboshwa ngatshelwa ukuthi ngizofike ngichaze olwami uhlangothi esiteshini samaphoyisa, bese ngiyadedelwa. Ngangikulungele ukubachazela ukuthi yini esasikade sixoxa ngayo.

Kwangimangaza okwabe sekwenzeka, kodwa angizange ngisabe. Ngamangala lapho sengibekwa amacala okugqugquzela inzondo engokwenkolo nokufundisa izinto eziyingozi emphakathini. OFakazi BakaJehova bafundisa abanye lokho abakwaziyo ngoJehova, futhi abagqugquzeli inzondo noma izinxushunxushu. Ngangazi ukuthi anginacala, nokuthi uJehova wayezongisekela. Khona ngangikhathazekile, kodwa ngakhumbula ukuthi iBhayibheli lithi, ‘phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe [kuJehova], ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.

Ngemva kokutoka isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu, ngoMeyi 2, 2017, inkantolo yesifunda yase-Astana yakugweba iminyaka emihlanu ejele, yabe isinezela nokuthi wawungavunyelwe ukufundisa abanye iBhayibheli kuze kuphele iminyaka emithathu. Kwakuphatha kanjani lokho?

U-TA: Lapho kuphuma isigwebo, ngakwamukela ukuthi ngangizohlala iminyaka emihlanu ejele uma kwakudingeka. Ngazitshela ukuthi, ‘Uma kuwuvivinyo lolu, uJehova uyazi ukuthi luzophela nini.’ Ngangizimisele ukulinda luze luphele.

Ijele uMfoweth’ u-Akhmedov ayeboshwe kulo, elisePavlodar, eKazakhstan.

Wawugula ngesikhathi uboshwa, akunjalo?

U-TA: Yebo ngangigula futhi sengiqale nokwelashwa. Lapho ngiboshwa ngayeka ukwelashwa, futhi isifo sami saba sibi nakakhulu.

Mafiza, wazizwa kanjani wena?

U-MA: Ngesaba kakhulu futhi ngacindezeleka. Kwakunzima ngisho nokwenza izinqumo ngoba kule minyaka engu-38 sishadile, sasingakaze sihlukane. Kodwa uTeymur wangiduduza, wathi: ‘Ungakhathazeki ngale minyaka emihlanu, uma ngiphuma uJehova uzosipha eminye iminyaka engu-25 ndawonye!’

Yini enye eyakusiza ngesikhathi umyeni wakho esejele?

U-MA: Abafowethu nodadewethu bangisiza kakhulu. Ngesikhathi uTeymur eboshwa, ngangizitshela ukuthi abantu babezosaba ukungivakashela ngoba i-KNB yayigade konke okwakwenzeka emzini wethu.

Ngelinye ilanga kwafika umdala nomkakhe bezongivakashela, futhi kwangikhuthaza kakhulu lokho. Ngababuza, ‘Anisabi yini ukuza la?’ Bathi, ‘Yini engasenza sesabe? Iziphathimandla zingakwazi ukusithola zisebenzisa izincingo zethu. Ngakho akukho okungazivimba uma zifuna ukusibopha.’

Lapho abadala bezongibona, bangikhuthaza ukuba ngingaluvumeli lolu vivinyo lungiqede amandla kodwa ukuba ngiqhubeke ngiqinisa ubuhlobo bami noJehova.

Teymur, yini eyakusiza ukuba ubhekane nalolu vivinyo?

Umfoweth’ u-Akhmedov eboshelwe embhedeni esibhedlela esise-Almaty ngaphambi kokukhululwa kwakhe. Nakuba ekuqaleni wenqatshelwa ukuthola usizo lezokwalashwa, iziphathimandla zagcina zivumile ukuba alashwe lapho isimo sakhe siba sibi.

U-TA: Ukuthandaza kuJehova! Nsuku zonke ngangimcela ukuba angiqondise futhi angiphe amandla okuba ngiqhubeke ngijabule futhi ngiqotho phakathi nalesi sikhathi esinzima. Ngabona futhi ukuthi wayeyiphendula imithandazo yami. Wangisekela, futhi angizange ngizizwe ngilahliwe ngesikhathi ngisejele.

Kwakungisiza nokufunda iBhayibheli. Kwelinye ijele nganginalo iBhayibheli. Kwelinye kwakunendawo yezincwadi eyayineBhayibheli, ngakho ngangikwazi ukuya khona ngiyolifunda kanye ngesonto.

Ngakhumbula namazwi ashiwo umzalwane owangifundisa iBhayibheli. Wayevame ukuthi akufanele sesabe lapho sibhekene novivinyo. Ngiyakhumbula ngimbuza: ‘Kungani kungafanele sesabe, ngoba kungenzeka olunye uvivinyo lube nzima kakhulu?’ Wathi uJehova akasoze avume ukuba sithwale uvivinyo olungaphezu kwamandla ethu, futhi uyosinikeza amandla okubhekana nalo. (1 Korinte 10:13) Lapho ngisejele angizange ngikukhohlwe lokho ayekushilo.

Wazizwa kanjani lapho uzwa ukuthi abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke babazi ngenkinga owawubhekene nayo nokuthi babekuthandazela?

U-TA: Ngabona ukuthi nguJehova owayengisiza, ngoba inhlangano yethu ingeyakhe. Lokhu kwangiqinisekisa ukuthi ngelinye ilanga uJehova wayezongikhulula.

Eqinisweni, ezinye zezinto engangesaba kakhulu ukubhekana nazo kwakuwukuboshwa. Ngangilisaba kakhulu ijele. Kwakuthi lapho ngifunda ngezindaba zabafowethu ababeboshiwe, ngithandaze ngithi, ‘Jehova, ngingabekezelela noma iluphi uvivinyo, kodwa hhayi ukuboshwa!’ Kodwa ngesikhathi esifanayo, kwakuyisifiso sami ukuyoshumayela kubantu abasemajele. Lapho ngibuza abazalwane ngelungiselelo lokushumayela emajele, bangichazela ukuthi lokho kwakungavumelekile eKazakhstan. Ngakho lapho ngiboshwa, ngazizwa ngihlukene phakathi. Ngangithukile. Kodwa ngesikhathi esifanayo, ngabona ukuthi kwakuyithuba lokuba iphupho lami lokushumayeza iziboshwa lifezeke.

Walithola yini ithuba lokushumayeza abathile ngesikhathi usejele?

U-TA: Yebo. Ngelinye ilanga ngabizwa iphoyisa elalifuna ukukhuluma nami. Lapho ngifika ehhovisini lalo, lathi, ‘Ngiyazi ukuthi unguFakazi KaJehova, ngakho ungalokothi ungishumayeze!’ Ngathi, ‘Bengingahlelanga ukwenza kanjalo.’ Labe selingibuza, ‘Ubani igama likaNkulunkulu?’ Ngathi, ‘Igama likaNkulunkulu, uJehova.’ Labe selithi, ‘Pho ubani uJesu? Akayena kanti uNkulunkulu?’ Ngathi, ‘Cha, uyindodana kaNkulunkulu.’ Labe selingibuza, ‘Pho kungani amaKristu enkolo yobu-Orthodox ethi unguNkulunkulu?’ Ngabe sengithi, ‘Kufanele uke uwabuze ukuthi kungani.’

Ngesinye isikhathi ngake ngathola ithuba lokuxoxa neqembu elalinabantu abangaba ngu-40. Kwakufike udokotela wezifo zengqondo ezoxoxa neziboshwa. Kwakuxoxwa ngomshado, wabe esesibuza imibono yethu ngokuphathelene nesithembu. Wonke umuntu waba nethuba lokuveza imibono yakhe.

Lapho sekuyithuba lami, ngabatshela ukuthi ngangingeke ngiveze umbono wami, kodwa ngangithanda ukuveza umbono womunye umuntu engangiwuthanda kakhulu ngale ndaba. Ngabe sengithi: ‘Yingakho indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.’ (Genesise 2:24) Udokotela wabuza, ‘Umbono kabani lowo?’ Ngamphendula ngathi, ‘Umbono kaJehova uNkulunkulu, owadala abantu. Ukhuluma ngabantu ababili kuphela.’

Wabe esengibuza, ‘Sikhona yini esinye isizathu esikwenza ucabange ukuthi indoda kufanele ibe nenkosikazi eyodwa?’ Ngacaphuna uMathewu 7:12, othi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” Ngathi: ‘NguJesu owasho la mazwi. Ngicela ubuze la madoda akhona lapha ukuthi angathanda yini ukuba omkawo bathandane namanye amadoda. Uma amadoda engathandi ukuba omkawo babe namanye amadoda, namakhosikazi ngeke athande ukuba abayeni bawo babe namakhosikazi amaningi.’ Udokotela wathi impendulo yami uyithande kakhulu kunezinye.

Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi nakuba wawubhekene nesimo esinzima, wawathola amathuba okushumayela!

Ngemva kokuba izinkantolo zichithe zonke izicelo zokuba ukhululwe, kuhlanganise nesicelo owasifaka eNkantolo Ephakeme YaseKazakhstan, kwakubonakala sengathi yayingasekho enye indlela engokomthetho owawungayizama ukuze ukhululwe.

Nokho, wanikezwa ithuba lokukhululwa uma uvuma ukusayina incwadi eyayithi unecala. Awusitshele ngalelo thuba owalinikwa, nokuthi kungani wenqaba ukulisebenzisa?

U-TA: Beza kaningana kimi, bethi angisayine ukuze ngikhululwe. Nakuba kwakubonakala sengathi bangibonisa umusa, empeleni babefuna ngisayine ukuthi ngiyawavuma amacala engangibekwe wona, nokuthi ngangizisola ngawo. Kamuva nganikezwa ithuba lokuzibhalela eyami incwadi, ngicele ushwele. Bathi angibhale ukuthi ngangenze iphutha ngokuxoxa nabanye ngenkolo yami, nokuthi ngase ngizisola ngalokho futhi ngicela ukudedelwa ngenxa yokuthi ngiyagula.

Ngenqaba ukuwavuma amacala, ngatshela iziphathimandla ukuthi ngangincamela ukuhlala ejele kunokuba ngikhululwe bese ngihlushwa unembeza.

Kuyakhuthaza ukuzwa ukuthi wenqaba ukwenza into eyayingavumelani nonembeza wakho, wasibekela isibonelo esihle sokuba nokholo.

Nokho, izinto zashintsha kungalindelekile. Sicela usitshele ukuthi wezwa kanjani ukuthi wawusuthole ushwele futhi wawusuzokhululwa ejele?

U-TA: Ngelinye ilanga kwangena unogada, wangitshela ukuthi kwakunocingo olwalungidinga. Ngazibuza, ‘Ubani lo ongifonelayo?’ Lapho ngilubamba ucingo, ngakhuluma nowesifazane owangitshela ukuthi uyeza ukuzongikhulula ejele. Angazanga ukuthi ngithini. Ngemva kokuvala ucingo, nganquma ukutshela indodana yami ngoba ngangingafuni ukutshela umkami into okwakungenzeka ingabi yiqiniso.

Ngemva kokubeka phansi ucingo, unogada wangibuza, ‘Bebethini?’ Ngamtshela ukuthi kwakungumuntu odlala ngami, ngoba owesifazane engangikhulume naye wayengitshele ukuthi uyeza ukuzongikhipha ejele.

UMark Sanderson, oyilungu leNdikimba Ebusayo, ekanye noTeymur Akhmedov nomkakhe uMafiza ngemva nje kokukhululwa kukamfoweth’ u-Akhmedov.

Unogada wangitshela ukuthi kwakuyiqiniso lokhu engangikuzwile.

Mafiza, wazizwa kanjani lapho uzwa lezi zindaba ezimnandi?

U-MA: Lapho indodana yami ingitshela, nami ngacabanga ukuthi babedlala ngathi. Kwase kuyisikhathi eside silinde ukuba uTeymur akhululwe!

Asikwazi nokucabanga ngenjabulo enaba nayo lapho niphinde nihlangana ngemva konyaka uTeymur aboshwa!

Yini eniyifundile kulolu vivinyo?

U-MA: Ngikhumbula indlela engangikhala ngayo lapho ngifunda ngendaba kaMfoweth’ uBahram Hemdemov noDade Gulzira Hemdemov. [Umfoweth’ uHemdemov waboshwa ngoMashi 2015 eTurkmenistan. NgoMeyi 19, 2015, wagwetshwa iminyaka emine, ebekwa amacala angamanga okugqugquzela inzondo engokwenkolo. Usasejele namanje.] Ngisho nangaphambi kokuboshwa kukaTeymur, ngangike ngicabange ngobunzima uGulzira ayebhekene nabo. Manje, njengoba nami sengike ngabhekana nesimo esifana nesakhe, ngifisa ukumanga ngimtshele ukuthi ngiyazwelana naye. Ngiyazi ukuthi naye usizwa ukusekelwa uJehova nabafowethu.

Ngibonga bonke abazalwane abasisekelile, abasebandleni lethu nabakwamanye amabandla emhlabeni wonke, iNdikimba Ebusayo, abameli kanye namadodana ethu.

Umfoweth’ u-Akhmedov ephethe isitifiketi sakhe sokukhululwa ngoshwele.

U-TA: Iyodwa nje into engingayisho. Wonke umuntu unovivinyo okufanele adlule kulo. Nakuba singeke siboshwe sonke, abanye bangase baphathwe kabi amalungu omndeni angakholwa. Abanye bangase babe sebandleni nodadewethu noma nomfowethu okungelula ukuphilisana naye. Kunoma yiluphi uvivinyo umuntu ngamunye abhekana nalo, sonke kufanele sikhethe ukuthi sizokwenza yini lokho uNkulunkulu akufunayo noma cha. Uma sikwenza, siyokwazi ukunqoba noma yiluphi uvivinyo. Into okufanele siyenze, ukwamukela uvivinyo esibhekene nalo, sikhumbule ukuthi uJehova uzosinika amandla okulunqoba.

Ngiwubonga kakhulu umndeni wami namadodana ami ngokungisekela. Babengivakashela njalo lapho bethola ithuba, futhi lokho kwangisiza ngahlala ngiqinile.

Ngifisa nokubonga abazalwane emhlabeni wonke ngakho konke abangenzele kona. Ngiyababonga ngemithandazo nangezincwadi ezikhuthazayo ababengibhalela zona. Angizange ngizizwe ngilahliwe. Engidlule kukho kungenze ngabathanda kakhulu abafowethu, kwaqinisa nobungane bami noJehova.