Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 14, 2013
EKENYA

Kudutshulwa Abantu Ezitolo Eziyinxanxathela EKenya

Kudutshulwa Abantu Ezitolo Eziyinxanxathela EKenya

NgoMgqibelo, ngo-September 21 2013, abantu abaphethe izibhamu bahlasela inxanxathela yezitolo zaseNairobi eKenya, babulala okungenani abantu abangu-67 futhi balimaza okungenani abangu-175. Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova libika ukuthi kwakunoFakazi BakaJehova abaningana ezitolo ngesikhathi kuhlaselwa, kodwa bakwazi ukuphuma bengenamyocu. UJosphat Makori ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eKenya uthi: “Sonke emphakathini wethu sidabukile ngenxa yalokhu kuhlasela. Sidlulisa amazwi enduduzo kulabo abashonelwe. Sizikhandla kanzima ukuze sinikeze induduzo engokomoya nosizo olungokoqobo komakhelwane bethu phakathi nalesi sikhathi esinzima.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Kenya: Josphat Makori, tel +254 20 387 3211