Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 5, 2014
EKYRGYZSTAN

INkantolo Ephakeme YaseKyrgyzstan Isekela Inkululeko Engokwenkolo YoFakazi BakaJehova

INkantolo Ephakeme YaseKyrgyzstan Isekela Inkululeko Engokwenkolo YoFakazi BakaJehova

U-September 4, 2014, waba usuku oluyingqopha-mlando koFakazi BakaJehova nasenkululekweni engokwenkolo eKyrgyzstan. Ngalolo suku uMkhandlu Womthetho-sisekelo WeNkantolo Ephakeme YaseKyrgyzstan wathi izingxenye zoMthetho Wenkolo Ka-2008 * azivumelani nomthetho-sisekelo. Lesi sinqumo saqinisa ukuthi oFakazi banelungelo lokuqhuba umsebenzi wabo ongokwenkolo ngokukhululekile ezindaweni eziseningizimu yeKyrgyzstan, okuyizindawo ababenqatshelwe ngokuphindaphindiwe kuzo ilungelo elingokomthetho eminyakeni emine edlule.

OFakazi BakaJehova babhalisa ngokomthetho eKyrgyzstan ngo-1998 futhi kulo lonke izwe bajabulela inkululeko ethile yokukhulekela. Nokho, ngemva kokuba uMthetho Wenkolo Ka-2008 usuqalile ukusebenza, amaphoyisa aye ahlasela imihlangano engokwenkolo yoFakazi BakaJehova ezindaweni eziseningizimu yeKyrgyzstan, ethi umsebenzi woFakazi kulezi zindawo “awukho emthethweni” ngoba abanazo izinhlangano zenkolo ezibhalisiwe. Ngesikhathi esifanayo, iKomiti Yezwe Yezindaba Zenkolo [State Committee on Religious Affairs (SCRA)] yayisebenzisa kabi eminye imingcele yoMthetho Wenkolo Ka-2008 ukuze ivimbele oFakazi ukuba bangakwazi ukubhalisa kulezi zindawo. Isinqumo sango-September 4 sasusa lezo zithiyo.

Intuthuko Ephawulekayo Kwezomthetho

UMthetho Wenkolo Ka-2008 unqabela “ukusebenza kwenhlangano yezenkolo” engabhalisiwe (iSiphakamiso 8(2)). I-SCRA yachaza lo mthetho njengendlela yokwenqabela oFakazi BakaJehova ukuba benze umsebenzi wabo ongokwenkolo emadolobheni nasemadolobhaneni amaningi eKyrgyzstan lapho bengenazo khona izinhlangano ezingokwenkolo ezibhalisiwe. Umthetho ofanayo wawufuna kulethwe kuqala uhlu lwamagama abantu abangu-200 abasungula inhlangano yenkolo futhi lugunyazwe umkhandlu-dolobha wendawo (iSiphakamiso 10(2)) ngaphambi kokuba inhlangano ifake isicelo kuyi-SCRA. Lokhu kwabathwalisa kanzima oFakazi BakaJehova—ukuze bakwazi ukuhlangana ngokomthetho ngenjongo yokukhulekela, i-SCRA yabatshela ukuthi kudingeka babhalise endaweni, kodwa abakwazanga ukubhalisa ngoba umkhandlu-dolobha wendawo awulwamukelanga uhlu lwamagama abantu abasungula inhlangano yabo. Lokhu kwanika i-SCRA neziphathimandla zendawo ibhaxa lokuhlumeza oFakazi ngoba bengakwazanga ukuhlangabezana nezimfuneko zokubhalisa. Ngenxa yalobu bunzima, oFakazi bafaka isicelo esiphikisa lo mthetho kuMkhandlu Womthetho-sisekelo.

Ngesikhathi uthatha isinqumo, uMkhandlu Womthetho-sisekelo wathi “zonke izinhlangano zenkolo ziyalingana phambi komthetho futhi noma imuphi umuntu noma iqembu elithile lenkolo akufanelwe liphathwe kangcono kunamalungu enye inkolo.” INkantolo yathi iSiphakamiso 10(2)—esifuna ukuba uhlu lwamalungu asungula inhlangano yenkolo avunyelwe umkhandlu-dolobha wendawo—sasingekho emthethweni. INkantolo yabuye yathi iSiphakamiso 8(2) somthetho “sasingaqondwanga kahle.” Yathi ilungelo lenkululeko engokwenkolo livumela inhlangano yenkolo ukuba ingaqhuba inkolo yayo ngokukhululekile kunoma iyiphi indawo eyikhethayo lapho ifaka isicelo. Isicelo sango-1998 esafakwa i-Religious Center of Jehovah’s Witnesses eKyrgyz Republic kakade sikusho ngokucacile ukuthi umsebenzi wabo uhlanganisa izwe lonke. Lokhu kusho ukuthi oFakazi BakaJehova manje sebekhululekile ukwenza umsebenzi wabo wenkolo kuzo zonke izindawo zaseKyrgyzstan ngaphandle kokuvinjelwa.

Isinqumo Siletha Impumuzo Kulabo Abayizisulu Zokubandlululwa

Isinqumo sango-September 4 saba izindaba ezimnandi koFakazi BakaJehova eningizimu yeKyrgyzstan. Kwakuyizindaba ezimnandi nakakhulu ku-Oksana Koriakina nonina, uNadezhda Sergienko, abahlala edolobheni lase-Osh. Bobabili babeboshelwe endlini kusukela ngo-March 2013 ngamacala okuthiwa bawenza lapho bekhuluma nabanye ngokholo lwabo. Naphezu kobufakazi obucacile bokuthi bamsulwa, u-Oksana noNadezhda babekwa icala lokuqola imali yabesifazane abathathu asebekhulile.

Leli cala laqulwa eNkantolo Yedolobha Lase-Osh ngo-September 2014, kwathi ngo-October 7, 2014, inkantolo yakhipha laba besifazane ababili phambili kuwo wonke amacala ababebekwe wona futhi yathi kufanele banxeshezelwe ngokugcwele ngokushushiswa ngokungafanele, ngokuboshwa nangokuboshelwa endlini. Inkantolo yavuma ukuthi laba oFakazi ababili babeyizisulu zokucwaswa nokubandlululwa ngokwenkolo futhi babeboshwe ngokungafanele ngenxa yokuthi kuthiwa umsebenzi ongokwenkolo woFakazi BakaJehova e-Osh awukho ngokomthetho ngoba oFakazi abanayo inhlangano engokwenkolo ebhalisiwe endaweni. Lapho benikeza ubufakazi bokuphetha, u-Oksana noNadezhda basebenzisa isinqumo sango-September 4 soMkhandlu Womthetho-sisekelo, esiwenza ube semthethweni umsebenzi woFakazi BakaJehova e-Osh nakulo lonke elaseKyrgyzstan.

U-Oskana Koriakina no-Nadezhda Sergienko

Imizamo Yokusekela Amalungelo Abantu Emhlabeni Wonke

Ngenxa yokuthi iyingxenye ye-United Nations International Covenant on Civil and Political Rights, iKyrgyzstan iye yazibophezela ekuthuthukiseni amalungelo abantu nenkululeko eyisisekelo—inkululeko engokwenkolo noma yenkolelo, inkululeko yokuhlangana nenkululeko yokukhuluma—yezakhamuzi zakhona. Ngezinqumo zawo ezisekela inkululeko engokwenkolo, uMkhandlu Womthetho-sisekelo Wenkantolo Ephakeme YaseKyrgyzstan uye wawasekela ngokuqinile amalungelo abantu nenkululeko eyisisekelo. OFakazi BakaJehova abacishe babe ngu-5000 eKyrgyzstan bajabulela inkululeko engokwenkolo abanayo futhi bayazisa kakhulu iminyango kahulumeni evikela futhi isekele inkululeko eyisisekelo, okujabulisa wonke umuntu.

^ isig. 2 Igama eligcwele lomthetho lithi “Umthetho Wenkululeko Yezenkolo Nezinhlangano Zezenkolo eKyrgyz Republic [Law of the Kyrgyz Republic on Freedom of Religion and Religious Organizations in the Kyrgyz Republic.]”