Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uStanislav Teliatnikov waseLithuania

JUNI 15, 2022
ELITHUANIA

I-ECHR Ithi ILithuania Inqabele UMfowethu UStanislav Teliatnikov Ukuba Enze Inkonzo Yomphakathi Kunokwenza Eyezempi

I-ECHR Ithi ILithuania Inqabele UMfowethu UStanislav Teliatnikov Ukuba Enze Inkonzo Yomphakathi Kunokwenza Eyezempi

NgoJuni 7, 2022, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) ikhiphe isinqumo esimelene neLithuania ecaleni likaMfoweth’ uStanislav Teliatnikov, owanqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. I-ECHR inqume ukuthi ilungelo lokunqaba ngenxa kanembeza liqinisekiswe yisiSiphakamiso 9 soMthetho-sisekelo Wamalungelo Abantu BaseYurophu, lesi Siphakamiso siphathelene nelungelo lenkululeko yokucabanga, inkululeko yokuzinqumela ngenxa kanembeza nangenxa yenkolo. Ngakho, iNkantolo YaseYurophu inqume ukuthi iLithuania yephule uMthetho-sisekelo, yathi mayikhokhele uMfoweth’ uStanislav imali engango-R56 567.

Cishe wonke amalungu oMkhandlu WaseYurophu anawo umsebenzi owehlukile onikezwa izakhamuzi ezingayi kwezempi (ACS) uma kudingeka. Lapho uStanislav kuthiwa makaye kwezempi, wacela i-ACS ngokuvumelana nomthetho waseYurophu. ILithuania ayinalo leli lungiselelo. Esinqumweni se-ECHR esimelene neLithuania nakwezinye izinqumo ezithi azifane ezimelene ne-Armenia, i-Azerbaijan neTurkey, i-ECHR iphinde yathi wonke amalungu oMkhandlu WaseYurophu kufanele anikeze umsebenzi owehlukile izakhamuzi ezingayi kwezempi, ongazijezisi noma uzicwase futhi oyobe ungahlanganise lutho nezempi.

I-Armenia isinalo uhlelo lokunikeza izakhamuzi ezingayi kwezempi umsebenzi owehlukile. Izinsizwa ezingayi kwezempi ngenxa kanembeza zinganikezwa umsebenzi wokusiza umphakathi.

Sithemba ukuthi iLithuania nayo izosilandela isiqondiso se-ECHR sokuba inikeze izakhamuzi ezingayi kwezempi umsebenzi owehlukile ngoba lokhu kuzosiza abafowethu kanye nomphakathi abahlala kuwo. Okwamanje, siyazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ebanakekela abafowethu eLithuania, abaqondise futhi abasekele.—IsiLilo 3:25