Dlulela kokuphakathi

JANUWARI 25, 2018
EMADAGASCAR

Isiphepho U-Ava Sihlasela IMadagascar

Isiphepho U-Ava Sihlasela IMadagascar

Abantu baseMadagascar basazama ukululama ngemva kwesiphepho esibi, esibizwa ngo-Ava, esihlasele leli zwe ngoJanuwari 5, 2018. Iziphathimandla zibika ukuthi kunabantu abangaba ngu-51 abashonile, kanti izinkulungwane zabanye azisenayo indawo yokuhlala.

Ngesikhathi igatsha laseMadagascar lihlola, lithole ukuthi abekho abazalwane ababulawe yilesi siphepho. Nokho, kulimale imizi engaba ngu-45 namaHholo OMbuso ayisithupha. Lesi siphepho sicekele phansi namasimu, okuyiwona abamemezeli abaningi kuleli zwe abaziphilisa ngawo. Kubekwe iKomiti Yokunikeza Usizo ukuze abamemezeli bathole izinto abazidingayo njengokudla, okokugqoka nendawo yokuhlala yesikhashana. Kunabazalwane ababili abavela egatsheni abaye endaweni ehlaselwe isiphepho, baba nomhlangano okhethekile nemindeni ethintekile ukuze bayinike isikhuthazo esivela eBhayibhelini.

INdikimba Ebusayo isebenzisa iminikelo yokusekela umsebenzi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, ukuze ihlele izindlela zokunikeza usizo uma kuvele izinhlekelele ezifana nalesi siphepho esihlasele iMadagascar. Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke eyindawo yokuphephela kubafowethu nodadewethu baseMadagascar.—IHubo 9:9, 10

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000

EMadagascar: URinera Rakotomalala, +261-33-37-012-91