Dlulela kokuphakathi

JUNI 13, 2017
EMALAWI

Izingane Ezimbili ZoFakazi BakaJehova, Ezazixoshiwe Esikoleni Ngenxa Kanembeza Seziphinde Zabuyiselwa

Izingane Ezimbili ZoFakazi BakaJehova, Ezazixoshiwe Esikoleni Ngenxa Kanembeza Seziphinde Zabuyiselwa

ELILONGWE, eMalawi—NgoMeyi 3, 2017, izingane zoFakazi BakaJehova ezimbili, u-Aaron Mankhamba, oneminyaka engu-18, noHastings Mtambalika, oneminyaka engu-15, bavunyelwe ukubuyela esikoleni, eKhombe Primary School ngemva kokuba bexoshiwe ngenxa yokwenqaba ukucula iculo lesizwe emthandazweni wesikole. Laba bafundi bebelokhu benqatshelwe ukuya esikoleni kusukela ngoFebhuwari 13, 2017. Babuyiselwe ngemva kokuba abazali balezi zingane kanye nabameleli behhovisi legatsha loFakazi BakaJehova befake isikhalo kubaphathi besikole.

Phakathi nezingxoxo, abameleli begatsha basizwa izincwadi ezimbili ezazivela kuhulumeni waseMalawi, abazibonisa abaphathi besikole. Enye yalezi zincwadi, yango-1997, yayibhekiswe koFakazi BakaJehova eMalawi, ibanikeza imvume engokomthetho yokuba bangaliculi iculo lesizwe. Enye, yango-2017, yayikhuthaza othisha ukuba bahloniphe inkululeko engokwenkolo yabafundi.

UHastings uchaza ngokuthi babuyiselwe esikoleni ngesikhathi esibucayi sonyaka njengoba ukubhalwa kwezivivinyo zikazwelonke kusondela. Uthi: “Besikhathazekile ngokuthi besingeke sikwazi ukubhala izivivinyo zikazwelonke. Ithuba lokubhala lezi zivivinyo liba khona kanye ngonyaka.” Ukube laba bafundi bebengaphumelelanga kulezi zivivinyo zikazwelonke, bekuzosho ukuthi bazophinda ibanga elifanayo.

U-Augustine Semo, umkhulumeli woFakazi BakaJehova eMalawi, uthi: “Laba bafundi bayajabula ngokuthi unembeza wabo uhlonishiwe, futhi sibonga abaqondisi besikole ngokukhetha ukusekela inkululeko engokwenkolo nokwamukela laba bafundi esikoleni.”

Abezindaba:

Emhlabeni Wonke: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000

EMalawi: U-Augustine Semo, +265-1-762-111